ISILOMO somculi kamaskandi, uKhuzani Mpungose, sithi sivulele uzakwabo uQuality Biyela icala lokusesabisa ngemuva kwesigameko esenzeke emcimbini obuseMnambithi, ngoMgqibelo ebusuku.
Laba bobabili bebeqashwe emcimbini i-150 Maskandi Festival, eSettlers Park Stadium. Kune-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho uKhuzani egadla khona ku-Quality ngempama kwaqhasha isigqoko abesithwele.
Imizamo yokuthola uQuality ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belungangeni futhi engawuphendulanga nomyalezo athunyelelwe wona.
Ufake i-video yesigameko ekhasini lakhe leFacebook wathi: “Angiwazi unxa wami obheke kule nsizwa.”
Ekhuluma naleli phephandaba izolo ekuseni, uKhuzani ukuqinisekisile ukuthi nguye obonakala kwi-video.
Uthe kuqale ngemuva kokuhlonishwa kwakhe emcimbini Umbuso WamaCiko, eThekwini, ngoSepthemba 24, lapho anikwa khona ibhande elibhalwe ukuthi “iLembe”.
“Le nsizwa ibhale kuFacebook yathi kunomehluko phakathi kwelembe nele**, esho isitho sangasese somuntu wesifazane. Isho ukuthi lona omunye uyile** yena yilembe nokusho ukuthi ubengidelela ngesitho sangasese somuntu wesifazane,” kusho uKhuzani.
Uthe uqhubekile elokhu eyikhuluma le nto emeyisa kodwa akushoyo ekushaya indiva. Uthe kuze kwaba yingoMgqibelo emcimbini eMnambithi.
“Ubehleli endaweni yezicukuthwane. Uma ngifika eze kimi njengomuntu ozongishaya wathi uyakhipha bavimba ethi ngizibizelani ngeLembe ngoba ngiyile**. Akhuzwe-ke abuyele emuva. Uma esebuya ubuya nomuntu ophethe ikhamera yakhe, iselula eshutha. Ume wavimba indlela, wathi ngeke ngicule ngoba uyena okhonyayo la, uyena ilembe la mina ngiyile** ngeke ngidlule. Ubelokhu engichukuluza evimba indlela,” kuchaza uKhuzani.
Uthe uma ubuka i-video kunomuntu omvimbayo emkhuza. Uthe ngenxa yokuchukuluzwa uvele wacasuka wahluleka wukuzibamba, wakhetha ukumbuyisela emgqeni ukuze ezoya kocula.
“Ubekuhlelile ukuthi ngesikhathi eshutha bekumele kubonakale ubuqhawe bakhe ngokungivimba ngoba azi ukuthi ngeke ngiphendule kukhona iselula eqophayo. Uyazi ukuthi ngingumuntu osemehlweni abantu. Ngikhombisile ukuthi ngingakwenza lokho uma umuntu enza into enje.”
Uthe ngemuva kwalokho, ube esekhipha isibhamu nabaqaphi bakhe edubula izikhawu emoyeni nokuyilapho ekhethe khona ukuyovula icala ngoba ezizwa engaphephile.
“Ungisabisile wakhipha isibhamu wasiqhumisa. Umuntu obesemcimbini engakutshela ukuthi uzwile kuqhuma isibhamu. Ungisabisile, wangithuka engichukuluza ngayo yonke indlela. Bengizivikela mina ngoba ubesezongishaya, angimlindanga ukuthi aqale. Njengoba ebengivimba, yini ebizolandela?”
Uthe akazi ukuthi le nto isukaphi ngoba abakaze baxabane futhi usola ngathi ufuna udumo ngaye.
“UQuality wake washo ukuthi umculo ufuna ukuwufanisa naserenki. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi yena ufuna ukusibulala? Ku-Facebook wakhe uzoyithola leyo mbhalo ethi umculo usuzoba serenki. Uyasisabisa, yingakho ngivule icala. Ngemuva kwe-video ayifakile uthe ‘ngoba mina ngiyilembe ngizosebenzisa ukukhalipha’. Lokho kusho ukuthi njengoba eyilembe yena unguShaka, uzophendula kodwa uzosebenzisa ubuchule. Lokhu kuwukusabisa.”
Ibe yindaba egudwini eyalezi zinsizwa ku-Facebook njengoba abantu bebesabalalisa i-video. Ekhasini likaQuality, uSmall G Dbn uthe uQuality uyeyisa futhi ushayeke kancane.
“Bathi vele unxa akaze uwusho kodwa uyibize ngele** ebusweni bayo impela, sicela ukuzwa elakho isayidi,” kubhala uSnenkosi Thanda Mdlalose.
Ekhasini likaKhuzani, u-Asanda Khumalo uthe: “ Ngicela wehlise isandla bhuti ngiyalwesaba udlame.”
“Ubulembe bakho bhuti,” kubhala uMnotho Siphokuhle Gcaba.
UKhuzani uyithumelile inombolo yokuvula icala kodwa kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engaphendulanga i-email athunyelelwe yona.