UMLINGISI waseMgungundlovu uThuso Mbedu ungomunye wabalingisi abahamba phambili efilimini yaseMelika ethi Children of Blood and Bone, ezoqoshwa kuleli.
Le filimu ezokhonjiswa eziteshini ezingaphansi kwe-The Paramount Picture izobe ibophele abalingisi okukhona kubo u-Amandla Stenberg, Tosin Cole noDamson Idris.
Yona isuselwe encwadini kaTomi Adeyemi, kanti kulindeleke ukuthi ibonakale kuma-cinema emhlabeni wonke kusuka ngoJanuwari 15, 2027.
UThuso uveze ukuthi waqala ukukhulekela ukulingisa indawo ephambili kule filimu ngo-2019, ezwa ngayo.
Imibiko yabezindaba yaphesheya kwezilwandle iveze ukuthi uzobe elingisa indawo kaZelie, okungowesifazane osemncane ohlala ebukhosini obuphila kahle e-Afrika.
Uhambo lwakhe luqala ngokufuna ukubuyisa amagugu asesigodlweni ahlala kuso, atshontshwa kwafa abantu ngenxa yomyalelo owakhishwa Inkosi uSaran.
Le filimu kuvele ukuthi igxile kakhulu kuZelie nomfowabo omdala uTzain (Cole) abafuna ukusebenzisana nendodakazi yenkosi uMntwana u-Amari (Stenberg), nendodana yayo uMntwana u-Inan (Idris) ukuze balwe nakho konke okubi okwenzeka besakhula.
Ekhasini lakhe kwi-Instagram, uThuso uthe lesi kube isipho esikhulu angeke asikhohlwe njengoba asithanda eqala ukuzwa ngaso.
“Ngamcela uNkulunkulu ukuthi ngibe yingxenye yale filimu, angigcinanga nje ngokuthi ngimcele ukuba yingxenye yayo, kodwa nganxusa nokuthi ngibe umlingisi ophambili kuyo. Le ncwadi ngayifunda yasho okuningi kimi, namanje njengoba ngibhala lana nje angikholwa ngijabule kakhulu futhi nokusebenzisana nabo bonke abantu abakhona kuyangithokozisa kakhulu. Siyabonga kuTomi Adeyemi ngokubhala incwadi yalolu hlobo, ngiyabonga nakuwona wonke umuntu olokhu eqhubekile nokungeseka,” kubhala uThuso.