INHLANGANO emele amaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA), ihlabe yahlikiza amahebezi ewachaze ngokuthi kawalona iqiniso asesabalale ezinkundleni zokuxhumana, athi amaciko aseKZN kumele achaze ngokufa komrepha, u-AKA.
UT’zozo omele le nhlangano ebihlele umkhuleko wokukhumbula u-AKA, ebiwenze lapho edutshulwe ekhona emgwaqweni uFlorida, eThekwini, uthe iyabakhathaza imibiko engamanga eshiwo ngabantu ngokufa kuka-AKA.
“Thina siyinhlangano yamaciko sibhekele wonke amaciko aseNingizimu Afrika, asikhethi bala lamuntu, ngakho besingeke sifise noma sihlele ukuthi kubulawe omunye wethu. Asiyona imboni yamatekisi, asibulalani sodwa, kodwa umsebenzi wethu wukujabulisa umphakathi.
“Ngakho ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini ka-AKA, bese ngikhuza bonke abafafaza amanga ngokufa kwakhe, ukuthi bakuyeke lokho, sidedele amaphoyisa enze umsebenzi wawo ukuze kutholakala abenzi bokubi,” kuchaza uT’zozo ekhuluma emcimbini womkhuleko.
UTZOZO uhlabe izinsolo ezizungeza ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi ukusocongwa kuka-AKA kwaziwa amanye amaciko ayenawo lapha eKZN uthi ngeke bafiselane okubi beyimboni. 🎥Simangaliso Ntshangase pic.twitter.com/NHMKOf0YLK
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) February 13, 2023
Emkhulekweni obuhanjelwe nayiMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda iphelezelwa ngamalungu omkhandlu, bekukhona amaciko ahlukene; kubalwa uDJ Sox, Zakwe, Jumbo, wumculi kamaskandi uQhoshangokwenzakwakhe, nabasebenze no-AKA uDJ Tira noDuncan.