BALINDE kwaze kwasa ukuze babone indlovukazi evame ukuzihola zonke ngosuku lwezithandani ukuthi kazi nonyaka izokwenzani.
Ngonyaka ka-2021 uLerato Kganyago, nguyena owayehamba phambili kwabathole izipho zekhethelo. Umyeni wakhe uThami, wamqashela inkundla yezemdlalo iFNB, waqinisekisa ukuthi ihlotshiswe ngezimbali nemibala ehambisana nothando. Itafula lidekwe ngendlela esezingeni eliphezulu. Okwavala ukuthi kwakuhambisana nekhonsathi yesilomo somculi uZonke Dikana, owayeqhulula amanoni akhe ngesikhathi bedla.
Ngonyaka odlule, kwakunamahlebezi okuthi ligqabukile igoda phakathi kwalezi zithandani kanti uThami usazokwenza ezibukwayo ngehhotela lonke.
Babodwa ababefisa ukuba yilo DJ, abanye bengabaza ukuthi ngelakhe ngempela leli hhotela i... elise
Balinde kwaze kwasa abantu ezinkundleni zokuxhumana ukubona ukuthi umyeni kaLerato ozokwenza ziphi kulo nyaka. Babodwa abebencokola bethi mhlawumbe uzomthengela inkampani yakwa-Eskom, abanye bathi mhlawumbe uzovala izwe lonke.
Ngesikhathi kulindwe iGoli, ukuthi lichazele izwe ngokwenzekayo ngoba yibona abaseduze nale ntokazi enguDJ, KwaZulu-Natal amehlo abethe njo kuMaDlamini wodumo.
Le ntokazi ikhishwe ngowesilisa onenkampani Imbangi Trading, yamhambisa endaweni yokucwala izinwele lapho ifike yafakwa ifrantal yodumo, bayiphaqula kahle ubuso. Kuthe kusabhekwe lokho, nabaya endaweni yokudlela intokazi enguMaDlams isithola izipho zosuku.
Abantu banikele ezinkundleni zokuxhumana bencoma isenzo salo wesilisa bemfisela nempumelelo ngenkampani yakhe.
Ngempela kugcine sekucaca ukuthi nayi intokazi ekhonyayo kulo nyaka.
Lwandle Nkwanyana:“Wemama 🙆 sazesamphelezela uMaDlamini ezweni.”
Xoli Mkhize: “UNkulunkulu akubusise bhuti okwenzela uMaDlems kuhle kakhulu ngiyabonga kubuyisela ithemba kuye azibone ethandwa ngingathi nje qhubekela phambili ukumbona ejabulile kuyangijabulisa kakhulu, sengath nebhizinisi lakho lingakhula.”🙏🙏
Buhle Ka Mamngoma Shange: “Kodwa ngane yomfazi Waze wamjabulisa uMaDlams ningasho nje ukuthi iMaDlamini Day, ayikho Valentine's la.”😂😂😂😂😂