KUBUKEKA iqala phansi impi phakathi komaskanda bodumo, Igcokama Elisha noKhuzani, kubangwa isihloko se-albhamu kaKhuzani.
UKhuzani ukhiphe i-albhamu enesihloko esithi: Inhlinini Yoxolo okuyisona esicasule kakhulu Igcokama Elisha.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto, Igcokama Elisha alenelisekile ngalesi sihloko njengoba lisola ukuthi sibhekiswe kulona.
Lokhu kungenxa yokuthi yilona noKhuzani abaziwa ngokuthelelana amanzi ngemuva kombango obuphakathi kwabo oze wakhipha isidumbu kumaskandi.
Lithintwa Igcokama Elisha likuvezile ukuthi aliphathekile kahle ngalesi sihloko.
“Angiyena umhlaziyi kodwa lesi sihloko sicacile nje ukuthi sibhekiswe kimina. Ukube yimina owenze kanje angikungabazi ukuthi ngabe sengibizelwe emakhosini ngazoquliswa.
“Okubuhlungu wukuthi mina ngize ngangena ezindlekweni ngayohlawula inkomo eNkosini ngenxa yalolu xolo. Njengoba kwenzeka kanje ngicabanga ukuthi amakhosi ayabona nawo ukuthi ubani onochuku,” kusho Igcokama Elisha.
Kuthintwa uKhuzani ngalolu daba, uthe Igcokama Elisha liyajaha.
“Akukho lapho ngigcona khona uMthandeni (Igcokama Elisha) kwi-albhamu. Ngisho nengoma ekhuluma ngenhlinini yoxolo akekho kuyona. Ngokwezinhlelo zami ukuthi i-albhamu ibe nengxenye yokuqala engingayifakile kuyona ingoma ethi iNhlinini Yoxolo. Ingxenye yesibili yayo izophuma ngoSepthemba lapho ngizobe sengichaza khona ngenhlinini yoxolo engikhuluma ngayo,” kusho uKhuzani.
Uqhube wathi ucela Igcokama Elisha licophelele uma likhuluma futhi ngeke atshelwe ukuthi kumele ayiqambe kanjani i-albhamu yakhe.
Uphinde waveza ukuthi ukuxolelana kwabo kubuka izwe akusho ukuthi uyena kuphela umuntu axolelana naye kodwa kumele azi ukuthi kungenzeka ukuthi kukhona abanye abantu axolelana nabo ngakubo, okungavelanga emphakathini ngokuxolelana kwabo. Uthe akanasiqiniseko noma ubhekise kulolu xolo olungaziwa ngabantu yini.
Igcokama Elisha lithe selithembe uMdali ngalokhu okwenzekayo.
Lithe licela nabalandeli balo bangayithathi kabi le nto ngoba alifuni ukuthi kuphinde kusuke umsindo phakathi kwakhe noKhuzani.
Liveze nokuthi lona kwi-albhamu yalo ezayo aligadli kumuntu ngoba lifuna kube nokuthula emculweni.
Kule albhamu kaKhuzani kuphinde kube nenye ingoma esihloko esithi Mema Ontanga lapho ezwakala khona ebuza ukuthi bambangisani emculweni. Yize engawaphathi amagama abo kodwa kuyazwakala ukuthi usuke ebhekise kobani njengoba elingisa indlela abakhuluma ngayo.
Abantu abazwakala ebalingisela kukhona Igcokama Elisha, uMjikijelwa, Ali Mgube, Imfezemnyama noGadla.
UKhuzani uthe ubegiya nje kule ngoma njengensizwa kodwa akukho okubi akuqondile. Uthe kujwayelekile ukuthi uma insizwa igiya ezinye zitheleke ngomquba.