INHLANGANO yezokusakaza i-Multichoice ne-Broadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA eyiso kwezokusakaza) bathi kabangene ezingxabanweni eziqhubeka endlini kaBig Brother.
Lokhu kulandela izinkulumo ezivezwe abanye bakuleli ukuthi abangenelele ekuthatheni isinqumo sokuxoshwa ngokushesha kuka-Ash-ley Ogle (26) waseThekwini.
Izolo ebusuku, ekhuluma nensizwa yaseNquthu, uSweet Guluva, u-Ash-ley wenze inkulumo engehlanga kahle kwabaningi ethinta ukudlwengulwa kukaKay B waseQwaqwa.
Kule nkulumo, uveze ukuthi ngabe sebeqalile ukusebenza nabanye ozakwabo kodwa ulinde “le ntokazi eyadwengulwa”.
U-Ash-ley uqale waxabana nomunye wozakwabo endlini uMshini bebanga indlela yokusebenza.
Emaqoqweni abawenzile kuleli sonto ukuze benze umsebenzi okumele bawukhombise uBig Brother, namhlanje ntambama, u-Ash-ley ubeke umbono wokuthi akayithandi imidwebo abayenzile, ayibukeki kahle.
Kube uzithintele kuMshini omsole ngokuzenza ngcono.
Ingxabano yabo iholele ekutheni bathukane ngezinhlamba ezehlukene, baze babizana ngisho ngaphansi kweziketi zonina. Abakuleli bagxeke u-Ash-ley ngenhlamba abeyiqhulula, bathi lokhu kunenhlese yokucwasa ngokwebala, bazwakalisa ukuphoxeka kwabo bathi kungcono akhiswe ohlelweni.
U-@kekeletso_Ma uthe: “#BBMzansi ngiphoxekile. Lolu daba lokudlwengulwa nolokucwasa ngabe lwanqandeka kudala. Manje kukhona obizwa ‘ngentombazane eyadlwengulwa’, u-Ash-ley aphinde abize abanye ngokuthi ‘bonke laba bantu abamnyama’. Kanti animnikanga yini incwadi yemiyalelo yasendlini?”
Esitatimendeni esikhishwe abakwa-DStv, bathe bayakubona ukukhala okukhona mayelana nezinye izinkulumo ezenzeke endlini, kodwa akuthinti bona nabo bonke abaxhasi balolu hlelo.
Baveze ukuthi uBig Brother uzoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi yonke imiyalelo eyafundwa yilaba abasendlini iyalandelwa ngaso sonke isikhathi.
I-BCCSA yona iveze ukuthi iyazibona izikhalo ezivelayo kodwa bonke laba abasendlini basayina isivumelwano ngendlela okumele baziphathe ngayo.
Bathe indlela laba abasebenzisa ngayo ulimi kumele ilungiswe yisiteshi.