KULINDELEKE ukuthi ivalwe ngegiya eliphezulu inyanga yothandoeThekwini, njengoba ukhuza ibuya umcimbi odlisa ngezingxoxo ezithinta uthando kanjalo nomculo iRoses & Ribbons okuzonandisakuwo abaculi abadume ngezingoma zothando okubalwa noNozi owaduma kuma-Idols SA.
Lo mcimbi ozoba khona okwesine kulo nyaka ubuya emuva kokuphazamiseka kweminingi ngenxa yokuvalwa kwezwe iminyaka emibili.
Owalo nyaka uzoba seKudta, eShaka Marine, eThekwini, ngeSonto.
Kuwona kuzonandisa abaculi okukhona kubo iMalini, Afro Soul, intokazi esanda kuzakhela igama ohlelweni ama-Idols SA uNozi, Lindo nabanye.
Kulindeleke nokuthi kubonakale nabalingisi bemidlalo ehlukene okubalwa kubo uMabusi Shezi, owaziwa ngoSebenzile kwiMbewu, Mthandeni Mbambo odlala indawo kaThulani Sibiya endlalweni iDurban Gen kwi-e-tv, noSandile Dlamini odlala indawo kaPhakade kwiMbewu.
Ekhuluma neSolezwe umgqugquzeli uSiyanda Mwandla uthe kubajabulisile ukubuya kwalo mcimbi njengoba beze bashintsha nosuku abajwayele ukuwenza ngalo ukuze abantu bakhululeke njengoba usuku lwangeSonto lungematasa.
“Sifuna imindeni, abangani nezithandani bafike bazojabula nathi kulolu hlelo. Sekuyitemu ukuthi usuku lwangeSonto olwezithandani, nathi-ke sisho kanjalo ukuthi uma nje unomuntu omthandayo fika uzojabula nathi ngalolu suku njengoba umcimbi uzovulwa ngokuthi abantu bazidelise ngokuthatha izithombe zabo nosaziwayobethu kukhaphethi obomvu. Ngemuva kwalokho kuzobe sekudlalwa izingoma zothando ezehlukene, bese mina nabangani bami sivala umcimbi ngezinto ezihlukene ezithinta umculo nemidanso ehlukene,” kusho uSiyanda.
Uthe amathikithi omcimbi ayatholakala eWebticket ngoR150 noR300 iVIP.