IZOKHONJISWA emphakathini waseJozini okokuqala embukiweni iKwasukasukela Film Festival kusuka ngoLwesibili ifilimu ebophele osaziwayo neshuthwe kuyo le ndawo nyakenye.
Le filimu iThe Score igabe ngabalingisi okubalwa kubo uNkanyiso Mchunu, ongomunye wabadlala izindawo eziphambili kwiMy Brother’s Keeper, imbongi uSbo Da Poet, umculi wekwaito uProfessor Langa, owayengumlingisi weMbewu uJack Devnarain, Angel Zuma nabanye.
Le filimu ekhuluma ngokubulwa kobhejane, ididiyelwe nguSibongeleni Mabuyakhulu ongomunye wabahlanganisa amavidiyo emidlalweni okukhona kuyo iShaka Ilembe, Isibaya neminye.
Ekhuluma naleli phephandaba uthe bekuyisifiso sabo ukuthi ifilimu iqale ibukwe ngabantu baseJozini ngaphambi kokuthi ivezelwe umhlaba.
Ingenye yamafilimu azokhonjiswa embukisweni waminyaka yonke, iKwasukasukela Film Festival, ozoba seMsiyane Hall, kusuka ngoDisemba 12 kuze kube wuLwesihlanu.
“Silethela umphakathi wangakithi amafilimu ngoba amasinema awekho. Amafilimu azokhonjiswa yiThe Score, Taxi Bosses namanye aqoshwe lapha ekhaya enziwe ngabantu abasha baseMkhanyakude ukuze bezothola amathiphu okuthi yikuphi lapho okumele baqinise khona.
Kwakuyisifiso sethu ukuthi iThe Score iqale ibonwe ngabantu baseJozini, bazibone bona futhi nendawo yangakubo, ukuze bezogqugquzeleka ukuthi kuyenzeka,” kusho uSibongeleni.
Uthe ngaphandle kokubukwa kwamafilimu, kuzoba nezinkundla zokucobelelana ngolwazi emkhakheni wamafilimu nethelevishini.
“Sinezigcawu zokufundisa ngendaba yokuziphaqula ubuso kwithelevishini nokwenza okubukeka njengezilonda, sibheka ukubhala, ukulingisa nokuqondisa amafilimu.
Inhloso yethu wukuthi abantu basemakhaya babe nothando lwamafilimu nethelevishini, bafunde ukuthi miningi imisebenzi ekhona ngale kokulingisa.
Sibonga nobaba uJacob Ntshangase, ongomunye wabasunguli beShaka Ilembe ozobe efundisa. Zikhona nezinye izikhulumi ezizayo.”
Uthe ngazo zonke izinsuku bazoqala ngo-9 ekuseni kuze kube wu-5 ntambama futhi kungenwa mahhala.