KULINDELEKE ukuthi iqale namhlanje imicimbi eyandulela umcimbi omkhulu iGcwalisa Spring Picnic okusasa, eKings Park, eThekwini.
Namhlanje kulindeleke ukuthi kube nomcimbi e-Eden Champagne Garden, okuzobe kwemukelwa kuwo izihambeli ezizoba yingxenye yomcimbi omkhulu.
Abaculi okukhona kubo uKhuzani, Ntencane neNkosi YamaGcokama bazobonakala kulo mcimbi.
Kuwo kuzonandisa uMawhoo noDJ Happy Gal, uhlelo luzobe luphethwe uSizwe Mdlalose.
Phambilini omunye wabahleli bomcimbi uMthokozisi Zuma, uthe amathikithi asekhona, kodwa wakuveza ukuthi abakholelwa ekutheni kuyoshaya uMgqibelo esatholakala.
Utshele Isolezwe elingabaxhasi balo mcumbi, ukuthi bahlose ukudayisa amathikithi aphakathi kuka-8 000 no-10 000.
“Angiboni ukuthi kuzoze kushaye uMgqibelo esekhona siwadayise esangweni. Uma kunjalo sizokwenza uhlelo lokuthi atholakale kodwa asikaze sikucabange. Sinethemba lokuthi kuyothi kushaya usuku abe engasekho,” kuchaza yena.
Uqhube wathi amalungiselelo omcimbi ahamba kahle sekusele ukuthi bangene enkundleni baqale ukufaka isiteji nokunye.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kunandise abaculi okukhona kubo uCassper Nyovest, Dumi Mkokstad, Dlala Thukzin, Daliwonga, Dr Buselaphi, Limit, Imfezemnyama nabanye.
Isolezwe liphisana ngamathikithi kubafundi abangaba senhlanhleni yokuziwinela amathikithi okubuka lo mcimbi.
Ukuzibeka ethubeni lokuwina. Thumela igama elithi "ISOGCWALISA" ku-33258,
i-SMS ibiza R 1,50 ngayinye. Umncintiswano uzovalwa namhlanje ngo-12 emini. Abawinile bazokwaziswa ngocingo.