NGABE usenesithandwa esisha u-Itumeleng Khune?
Lo mbuzo ubuzwe yinqwaba yabantu izolo kulandela ukuthi lo nozinti weKaizer Chiefs echwaneke isithombe enoSphelele Makhathini kuTwitter.
UKhune bekudume ukuthi uthandana nokhonze ukuzivocavoca uSbahle Mpisane. Yize kunjalo kodwa selokhu uSbahle aphuma esibhedlela kuqonge amahlebezi okuthi ucu alusahlangani.
Ethintwa uSbahle mayelana nalesi sithombe ucele ukubuye ashayelwe ucingo. “Ngimatasa njengamanje ngicela ukubuye ngikuthinte."
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaKhune noSphelele ayiphumelelanga.
USphelele kuvele ukuthi ngumkhangisi ozizamelayo waseThekwini ophinda abe ngumfundi eVarsity College.
Ukuvela kwendawo ahlala kuyona lo wesifazane kwenze iningi labantu abebephawula ngalolu daba bathi kusho ukuthi uKhune uyazifela ngezintokazi zaseThekwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuthi uKhune athandane noSbahle, ubethandana noMinnie Dlamini-Jones naye ongowakhona eThekwini.
Ezinkundleni zokuxhumana bahlukane phakathi abantu ngodaba lukaKhune abanye bemgxeka ngokuphumela obala ngathandana naye ekubeni Sbahle uselulama ngemuva kwengozi. Abanye bamuvikelile bathi uKhune unelungelo lokuthatha izinqumo ngempilo yakhe.
I do not understand people that are on Khune's case. He is a human being like any other. He had a choice to be patient with sbahle and hope that she will remember one day or to move on. Maybe he is not emotionally stable to wait. Lets respect that he chose to move on. pic.twitter.com/AfiJoQ3OdQ
— IG: mrs_pabloo (@Pabloo_57031) April 27, 2019
You guys must leave Khune alone, Sbahle broke up with him after the accident cos she couldn’t remember him, and Khune was supportive during her recovery, he deserves to move on like anyone else!!
— 10DO Rasmall (@10doRasmall) April 28, 2019
My life ,my decisions 😉
— IIKHUNE3216 (@IIKHUNE_32_16) April 28, 2019
#BLESSED SUNDAY TO YOU ALL 🙏🏼 pic.twitter.com/YTPZHPkiv7
— IIKHUNE3216 (@IIKHUNE_32_16) April 28, 2019