SELOKHU kuqale imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) eCôte d'Ivoire izinsizwa zakuleli aziwuvali umlomo ngezingqazu zezintokazi ezilokhu zithi pheshe kwithelevishini.
Lezi zintokazi iningi lazo liholwa ngezaseCape Verde, zisuke zizokweseka amaqembu ahlukene asuke edlala ngalelo langa.
Yize konke okwenzeka lapha kungebhola kodwa izinsizwa zaseNingizimu Afrika ziveza ukuthi zithathekile futhi nokugxila kwazo kule mdlalo kuhlanganisa nokugeza amehlo ngalezi zintokazi.
Muva nje sekuqale nomkhankaso wokubheka izindawo zokuvakasha, ezokudla, ezokungcebeleka kanjalo namabhanoyi alubangise kwi-Afcon, ikakhulu lawa azobabeka eCape Verde njengoba zihamba phambili izintokazi zakhona.
Lokhu kushiye imibono ehlukene ezinkundleni zokuxhumana njengoba izintokazi zakuleli zivutha zingabaselwe zikhala ngokuthi naseNingizimu Afrika zikhona iziphalaphala. Izintokazi zakuleli lokhu zikubona kuyihaba labesilisa nokuthatheka kwesikhashana.