UKUGXAMBUKELA kwabantu emshadweni kaMusa Mseleku wohlelo uThando Nesithembu, ngabakubona kuvezwa kwithelevishini, kube nomthelela ongemuhle ngisho ebhizinisini lomunye wamakhosikazi akhe.
UMseleku ushade namakhosikazi amane okunguBusisiwe MaCele wokuqala, uNokukhanya MaYeni wesibili, uThobile MaKhumalo wesithathu noMbali MaNgwabe wesine. Ngokusho kwakhe amakhosikazi akhe ake abhekana nesikhathi esinzima lapho ebehlaselwa ngamazwi ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe oshayeke kakhulu nguMaYeni ngoba ubesanda kungena ebhizinisini lezimpahla zokugqoka nelisebenza ngezinkundla zokuxhumana, iMaYeni Fashion Collection. Ukungayi kwamanye amakhosikazi emcimbini kaMaKhumalo abantu bakuthatha ngenhliziyo baze bacekela phansi igama lebhizinisi lakhe, basho nokuthi zingathengwa izimpahla zakhe.
"UMaYeni okwakhe ukuthi abheke thina njengomndeni wakhe, yingakho ngizama ukuthi ngibuyisele kahle isimo ngoba akukhona okwakhe kuphela. Uma sibona ukuthi ibhizinisi lakhe lithintekile, kusithinta sonke. Abantu ungenza okukodwa babambelele kukhona njengoba sebenza kuMaNgwabe. Sebeyamthanda ngoba waya emcimbini kaMaKhumalo ekubeni babemgxeka njalo," kubhoka uMseleku.
Ukubeke kwacaca ukuthi bayabahlonipha kakhulu abalandeli babo kodwa sebebonile ukuthi ngesinye isikhathi izinkundla zokuxhumana ziyaba nomthelela ongemuhle empilweni yomuntu. Lokhu uthe uyabona ukuthi akukho abangakwenza ngoba abanawo amandla okukulawula. Muva nje ugxekwe nangokuhlala ebonakala ehamba noMaKhumalo emicimbini ehlukene, wasolwa ngokuthi umenza intandokazi.
UMseleku utshele leli phephandaba ukuthi selokhu kwadlala isiqephu soThando Nesithembu, lapho kwavezwa ukuthi uMaCele noMaYeni abayanga emcimbini wokwembeswa kukaMaKhumalo, abantu bazitshela ukuthi kunoqhekeko kulo muzi.
"Abantu abazi ukuthi unkosikazi ngamunye uzimele futhi unamalungelo. Ngeke uma kuqashwa uMaKhumalo emcimbini bese sithi akuhambe omunye unkosikazi. Ukubonakala kwami naye sisuke simenywe sobabili, nabo uma bedinga ukubona amanye amakhosikazi abawameme, bese bengimema nami sizofika," kuchaza Mseleku.