ABAHLELI bomcimbi iGcwalisa Spring Picnic All White, sebeqale uhlelo lokukhuluma nomasipala ukuthi baxhase ngamabhasi azothutha abalandeli abaya emcimbini ozoba seKing’s Park eThekwini, ngoNovemba 5.
UMthokozisi Zuma weNdlamlenze Development Foundation, ehlela umcimbi, uthe kunabantu abakwaziyo ukuthenga amathikithi kodwa abanakho okuzobathutha kubayise emcimbini.
“Kunomasipala esikhuluma nabo ngoba abantu bethu (abanye babo) baswele kakhulu. Kuba wumuntu onethikithi kodwa sicela basize abantu ngamabhasi. Kunomasipala asebeqhamukile ukuthi bangawakhipha amabhasi. Umuntu uyongena ngokuthi abe nethikithi lomcimbi, yilo elimgibelisa ibhasi,” kusho uMthokozisi.
Uthe asebevumelene nabo ngowasJozini, Mtubatuba nowaseNkosi Langalibalele.
“Siyakhuluma nabanye,” kusho yena.
Uveze ukuthi amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu futhi abebewadayisa kuqala ngoR150 asedayise aphela.
Amathikithi atholakala eComputicket ngoR250 kuya phezulu.
“Esikwenzile wukuthi senze isaphulelo kubantu uma behamba bewu-20 ithikithi ngeke libe wuR250 kodwa wukhokha u-R150,” kuchaza yena.
Uveze nokuthi kukhona nezindawo zabakhethekile zokuhlala abangu-10 abazenzile. Uthe zibiza u-R15 000 kodwa sekusele eyodwa.
“Bezintathu ezisele kodwa ezimbili sezibekisiwe yize zingakakhokhelwa. Kusho ukuthi kusele oyedwa, oyidingayo kumele aphuthume. Nizihlalela kahle emcimbini. Kuba nama-snack nokudla, iziphuzo bese kuthi nasebusuku kube nokudla,” kuchaza uMthokozisi.
Uqhube wathi banohlelo lokuhambela izikhungo zemfundo ephakeme. Namhlanje uthe bazobe beseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eHoward College.
Kusasa uthe omasikanda bazodlala ibhola nabeDrip Footwear eRandburg Footbal Club, eGoli. Ukungena uveza ithikithi leGcwalisa.
Phakathi kwabazonandisa kwiGcwalisa Spring Picnic All White kubalwa kubo uKhuzani, DJ Tira, Dumakahle, AKA, Mzukulu, Cassper Nyovest, Dumi Mkokstad, Cevuzile nabanye.
“Ngo-10 amasango ayavulwa bese kuthi ngo-12 iciko lokuqala lingene esiteji. Sihlele ukuthi kuphele ngo-12 ebusuku,” kusho uMthokozisi.