ITHE iqala ukuthola umsebenzi omkhulu wokumodela insizwa yaseVryheid izikhangiso zayo zabonwa e-Europe.
UBheki Msibi usebuya eSwitzerland ukuyoshuthela isikhangiso sesitolo esidayisa izingubo iNumero Uno. Ubuye emasontweni amabili edlule emuva kokuba ethole umsebenzi wokukhangisa ezinkundleni zokuxhumana. UMsibi uthe ubeqala ukuthola umsebenzi omkhulu kangaka. Phambilini uke wamodelela abasiki bengqephu embukisweni ohambisana nomjaho wamahhashi iVodacom Durban July.
“Umsebenzi ngiwuthole ngokuthi abanikazi besitolo eSwitzerland babone izithombe zami ku-Instagram. Kukhona owaseNingizimu Afrika owabatshela ukuthi ngingawenza kahle umsebenzi, babheka izithombe zami ku-Instagram,” kusho uMsibi.
Uthe wathola umyalezo khona ezinkundleni zokuxhumana bemtshela ngethuba.
Uthe ubengakholwa kodwa bagcina bemshayela nocingo belungiselela uhambo.
“Kube yimina ngedwa omnyama kulaba ebesishutha nabo. Ngithole ulwazi olwehlukile lokumodela. Kumanje ubuso bami bufakwe kumaBill Board akhangisa izimpahla zeNumero Uno. Namanje angikakholwa futhi sekuvuleke namanye amathuba.”
Uthe maduze uzoya koshutha eGermany nakhona ababone umsebenzi wakhe omuhle eSwitzerland.
UMsibi olawulwa yiBlaze Models, uthe usefuna nokungenela imibukiso yemfashini kwamanye amazwe.
Waqala ukumodela esikoleni ngaphambi kokudlulela eGoli emuva kokuphothula * -matric.
Wenze izifundo zeMarketing Management eCentral Johannesburg College nakhona esaqhubeka nokumodela. Ngesikhathi efunda ekolishi uthe uke wawina kabili emncintiswaneni wokumodela.
Isifiso sakhe ngaphambi kokumodela kwakuwukulingisa kodwa amathuba angavela. Namanje sisekhona leso sifiso abona sengathi siyahambisana nomkhakha wokumodela.
Ukuya kwakhe eSwitzerland kumfundise ukuthi kubalulekile ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngendlela efanele. Ukhuthaze nenye intsha ukuthi izame izindlela zokufeza amaphupho ngokuthi iziveze kahle ezinkundleni zokuxhumana.
“Kuthe ngibona izindleko zokuya eSwitzerland ngabona ukuthi bengingeke ngikwazi ukuzihambela ngemali yami. Yingakho ngiqiniseke nokuthi ngiwenza kahle umsebenzi ukuze kuvele namanye amathuba,” kusho uMsibi.