UVULE izandla ngamanye amathuba angawathola kwezikaqedisizungu umlingisi ozakhele igama njengomsakazi, uSthandwa Nzuza.
USthandwa owagqama esakaza kuKhozi FM, ugcine ukubonakala kwithelevishini emdlalweni osaphela i-Durban Gen. Wayelingisa indawo kaDkt Mkhize.
Utshele leli phephandaba ukuthi usenabaphathi abasha okuyibo abambhekela imisebenzi kwezokulingisa njengoba eneziqu azithola eDurban University of Technology (DUT).
“Kade ngishintsha inkampani ebhekelele izidingo zami ngesonto eledlule, ngathola enye esebenzela eGoli naseKapa. Yima ngizoqala ukubona ukuthi bangiphatheleni. Ngisho ngabe umsebenzi ngiwuthola kuphi anginankinga, ngingahamba ngisho iminyaka emibili,” kusho uSthandwa.
Uveze nokuthi nasemsakazweni uzimisele ngokubuyela uma kunethuba elivelayo.
“Ngaphuma kungesona isinqumo sami, hhayi ukuthi ngangithanda kodwa kwenzeka okwenzeka, ngakwemukela. Ngingabuyela noma yinini uma kuvela ithuba emsakazweni ohambisana nami,” usho kanje.
Uthe izingane zakhe ezimbili, eneminyaka eyisishiyagalolunye neneminyaka eyisithupha, uzishiya nonina nokhokho wazo uma kunomsebenzi ompintshayo.
“Nginekhaya elifudumele elinozinzo. Anginaye ngisho usisi ongisizayo. Uma ngiqopha izingane ngiziyisa kugogo nokhokho wazo, ayikho inkinga. Vele ngisuke ngisebenzela zona,” kusho yena.
Le ntokazi yayishade nomfundisi eyagcina yehlukanisile naye. Yale yaphetha ukukhuluma ngezothando yathi igxile emsebenzini wayo.
Leli phephandaba lithole ukuthi ikhuza ibuya kwithelevishini ngomdlalo Umkhokha: The Curse.
Umkhokha ukhonjiswa kuMzansi Magic njalo ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Kuwona uzolingisa indawo MaThwala okulindeleke ukuthi aqale ukuvela kusuka kuleli sonto.
“UMaThwala ushade nomfowabo omdala kaMaphalala (Mbuso Khoza). Yena nomyeni wakhe ababona abantu abalungile. Akafani nhlobo nami. Mina ngizilungele. NoDkt Mkhize kwiDurban Gen wayengalungile. Ngiyakuthanda kodwa lokho njengomlingisi ukuthi ngingadlali izindawo ezifana nami, abantu baze bazi ukuthi bazongibona nginjani. Lapha ngehluke kakhulu,” kusho yena.
Akuyona yodwa indawo abantu abazombona kuyo njengoba kunefilimu ayiqophe nyakenye engakaphumi azokhuluma ngayo uma esenesiqiniseko ngokukhonjiswa kwayo.
“Ngizama nokuzicabela indlela njengomqondisi wemidlalo. Ngisazoqhubeka nokulingisa kodwa nokuqondisa ngakufundela. Yilona phupho lami elikhulu ukuqondisa ngakho uma abantu bengangiboni ngizobe ngikhona ngisebenza esithe kweminye yemidlalo,” kuchaza uSthandwa.