KUZOBONAKALA ngeSonto ukuthi kuzokwenzakalani ebantwini base-USA, njengoba uhulumeni ehlela ukuyivala inkundla yezokuxhumana, iTikTok. Kubikwa ukuthi bangaphezu kuka-170 million abantu baseMelika abazoyithokozela okokugcina iTikTok ngoba uhulumeni ubeke umnqamulajuqu wokuthi inkampani iByteDance, eyengamele iTikTok, ezinze eBeijing, ukuthi idayiselwe inkampani noma usomabhizinisi waseMelika.
Uhulumeni wenza lokhu ngoba efuna ukuvikela imininingwane yezakhamuzi zase-USA, ngenxa yezinsolo zokuthi iByteDance, inokuxhumana okuthile nohulumeni waseChina.