KUDALEKE amathuba omsebenzi angu-200 njengoba kuvulwe umzila omusha wokuhamba indiza iLift Airlines esizotholakala phakathi kweGoli neTheku.
Lokhu kuvezwe umphathi wale nkampani yezindiza uMnuz Jonathan Ayache izolo.
Leli bhanoyi elitheleke okokuqala esikhumulweni sezindiza iKing Shaka International kulindeleke ukuthi kuwo lo nyaka kuphinde kumenyezelwe umzila walo ozosuka eThekwini uya eKapa.
U-Ayache uthe, kuyinjabulo ukuthi bethule kubantu baKwaZulu-Natal leli bhanoyi elingabizi kakhulu futhi elinezinto ezihlukile kakhulu kunamanye akhona manje kuleli.
“Kuningi okutholakala kwiLift. Ngingaveza nje ukuthi kuthiwa asibizi kakhulu futhi akukho mali esiyithathayo uma usubhukhile bese ukhetha ukusishiya ngomzuzu wokugcina.
“Siyacela ukuthi abantu basijwayele nendiza yethu. Siyathemba-ke imibuzo yabantu akade behlala besibuza yona ezinkundleni zokuxhumana yokuthi siza nini eThekwini, izophenduleka manje njengoba sesifikile.
“Siyathemba nabasebenzi bethu bazobaphatha kahle abagibeli siqhubeke siye phambili,” kusho uJohan.
UMnuz Mxolisi Kaunda oyiMeya yaseThekwini, uthe lokhu kusho ukuthuthuka komnotho kanjalo nokufika kwezivakashi eThekwini.
“Siyathemba ukuthi soba nezivakashi eziningi ezizosuka kwamanye amadolobha ziza la kithi ngoba zijabulela ukuvuleleka kwalo mzila ikakhulu njengoba sekuzoba namabhanoyi amaningi eza ngapha.
“Siyidolobha elikhahlanyezwe yizinto eziningi okukhona kuzo iCovid-19, izibhelu zokutapa kanye nezikhukhula ngakho umnotho wethu ulimale kakhulu, siyadinga ukuthi kube khona izinto ezizoheha izivakashi ukuze isimo siphindele kwesijwayelekile,” kusho uKaunda.