ISADUKUZA ebumnyameni iSABC mayelana nomcimbi omkhulu wezindondo amaMetro FM Music Awards, obekumele abe sekuqaleni konyaka kodwa angabakhona ngenxa yezinkinga zabaxhasi.
Lo mcimbi obubanjelwa esifundazweni iKwaZulu-Natal iminyaka, ube nezingqinamba zokuthola abaxhasi.
Okhulumela iSABC uKaizer Kganyago, ekuqaleni kwalo nyaka ekhuluma neSolezwe, wakuveza ukuthi kusenezinkinga nabaxhasi balo mcimbi okwenza kube nokubambezeleka ekuwuhleleni.
Kodwa wakubeka kwacaca
ukuthi lo mcimbi uzoba khona nakanjani, ngeke lenzeke iphutha ungabikhona.
Muva nje ekhuluma neSolezwe, uKaizer uthe namanje basesebumnyameni ngalo mcimbi njengoba izingqinamba zingavumi ukuxazululeka.
“Inkinga isamile ekutheni sinabaxhasi abahlukene abafuna ukuba yingxenye yalo mcimbi okuyimanje sisakhuluma nabo ngezinto ezithinta wona. Kodwa ngingasho ukuthi ukuwuhlela siyaqhubeka nakho futhi sizomemezela uma konke sekumi ngomumo,” kuchaza uKaizer.
Uthe ngisho udaba lwendawo okuzobanjelwa kuyo lo mcimbi basazama ukululungisa.
“Noma singayithola eGoli ngenxa yezingqinamba esinazo, singayisebenzisa nakanjani manje,” kuchaza uKaizer.
Kwenzeka lokhu nje akukamenyezelwa nalabo abazobe bencintisana kulawa ma-awards.