Cape Town City (1) 2
Richards Bay FC (1) 1
XOLILE MPISANE
IPHINDE yabuya ilengise izandla iRichards Bay FC iguqiswa yiCape Town City ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership obuse-Athlone Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
Igoli leNatal Rich Boyz lishaywe nguYanela Mbuthuma ekuqaleni kwesiwombe sokuqala, aweCity ashaywa ngu-Amadou Soukouna ngokwehlukana kweziwombe.
IBay ihambe phambili ngomzuzu wesishiyagalombili kulandela iphutha elenziwe iCitizens emuva.
ULorenzo Gordinho ubezama ukuphasela uGabriel Amato kodwa ibhola lantshontshwa uLindokuhle Zikhali. UThulani Gumede ube eseligobela uMbuthuma, walibeka phakathi.
ICitizens iqhubekile nokwenza amaphutha engxenyeni yayo yenkundla. UNathan Fasika uhluleke ukungqomfa ibhola ngekhanda ngomzuzu ka-23, lawela kuSomila Ntsundwana ogijime wangena ebhokisini kodwa ishodi lakhe labheka eceleni esebhekene nonozinti.
Kuphinde kwasebenza unozinti we City, uDarren Keet, ngomzuzu ka-28,evimba ibhola ebelishaywe nguKeegan Allan ngemva kokuthi iCity ihluleke ukukhipha ikhona ebishaywe nguGumede.
ICitizens ithole elokulinganisa ngomzuzu ka-41. UPrins Tjueza uzame inhlanhla ekude, ibhola lawela kuSoukouna ebhokisini, ophenduke ngeshodi alizwe ngendaba unozinti weBay, uSalim Magoola.
USoukouna ushaye igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-59, elibeka phakathi ngekhanda kulandela ibhola elihle ebeligotshwe nguPatrick Fisher ngakwesokudla.
IBay isasendaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni engu-14. ICity inyukele endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-20 emidlalweni engu-14.
Komunye umdlalo weBetway Premiership obuseLucas Masterpieces Moripe Stadium, iPolokwame City iqhubekile nokuqoqa amaphuzu ithela phansi iSuperSport United ngo 1-0.
Igoli lishaywe ngu-Oswin Appollis ngasekupheleni wesiwombe sokuqala.
IRise and Shine isasendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-14, kanti amaTsatsantsa asendaweni ka-10 ngamaphuzu angu-16 emidlalweni elinganayo.