UMLINGISI wethelevishini ongaconsi phansi emdlalweni wakwaSABC1, Uzalo, kuthiwa usephenduke uhlaka lwenyanga yaseMatshana, eMpangeni, uDr 3 Seconds.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uMnuz Sifiso Simamane odlala indawo kaCaptain Mthimkhulu kuZalo, usephathela uDr 3 Seconds izikhwama zokwelapha.
Kuthiwa uSimamane ufike kwaDr 3 Seconds ezolashwa, wagcina esephenduke uhlaka.
“Uma uya kwaDr 3 Seconds ngeke umswele ngoba usefana nengane yakhona. Yonke indawo lapho kuhamba khona uDr 3 Seconds, noSimamane ukhona.
Kwayena uDr 3 Seconds uhambela phezulu njengoba esethole uhlaka oludumile olungumlingisi wethelevishini.
UMLINGISI wethelevishini uSifiso Simamane woZalo kuthiwa usephenduke uhlaka lwenyanga yaseMpangeni Isithombe: INSTAGRAM / SIFISO SIMAMANE
Ngisho nasemndenini kaDr 3 Seconds uyaziwa uSimamane ngoba useke athunywe yile nyanga khona ukuthi ayokwenza izinto ezithile bangabi nankinga ngisho efika yedwa ngoba bayamazi,” kusho uMthombo.
Ethintwa uDr 3 Seconds ngalezi zindaba ubuze intatheli ukuthi izithathephi lezi zindaba.
“Kukhona esilekelelana ngakho noSimamane engeke ngikwazi ukukudalula. Ufike kimina ngoJuni ngonyaka odlule.
Ngeke ngisho ukuthi uyakhendla noma uwuhlaka lwami njengoba usho kodwa uma indoda ifika kudliwa inyama ibamba iqatha ogqokweni,” kusho uDr 3 Seconds.
USimamane uhleke woma uma ebuzwa ngobudlelwano bakhe noDr 3 Seconds. Ubuze ukuthi abantu sebecabanga ukuthi ukhendla kuyena yini.
“Bengivele ngikulindele lokhu ngoba abantu bayathanda ukukhuluma. Angilona uhlaka lukaDr 3 Seconds.
Into eyenza sisondelane naye ukuthi kunefilimu engisezinhlelweni zokuyiqopha. Naye azoba ngumlingisi kuyona, yingakho sisondelene. Ifilimu ingowesifazane owadlwengulwa ngabesilisa abahlanu bamshiya ehlathini bethi ufile wagcina esesizwa nguyena uDr 3 Seconds,” kusho uSimamane.
Uthe empeleni uyamcija uDr 3 Second ngale ndawo azoyilingisa efilimini.
Esebuzwa ngokucijwa uSimamane uDr 3 Seconds uthe ayikho leyo nto.
“Anginaso isikhathi sokuhamba ngigxuma emafilimini. Mina nginomsebenzi omningi kabi ongihlalele.
Ngeke abantu begula kangaka ngilibale ukuyolingisa engabe ngiyabelapha,” kuphendula uDr 3 Seconds.
Omunye umthombo uveze ukuthi ucasha ngesithupha uSimamane ngalokhu akushoyo.
“Njengoba sikhuluma nawe manje akekho uSimamane eMpangeni kodwa uKwaHlabisa lapho ethunywe khona uDr 3 Seconds okukhomba khona ukuthi useyisisebenzi sakhona,” kusho umthombo.