KUQALWE umdlalo weshashalazi okhuluma ngomlando wokuboshwa kwabantu baseDrakensberg ngokudayisa insangu, ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo.
Umdlalo obizwa ngokuthiImpi Yensangu uzoba yingxenye yeDrakensberg Extravaganza. Umcimbi, okuzoba ngokwesithupha ukhona, uzoqala ngoNovemba 24 uze usongwe engoDisemba 4.
“Sengeze umdlalo weshashalazi okokuqala ngqa, Impi Yensango. Njengoba uhulumeni ethi sesingayitshala kodwa uma unelayisensi, sithe asikhumbuze abantu umlando,” kusho umhleli womcimbi uSipho Ndaba.
“Lapha oKhahlamba kwabulawa abantu abangu-22 ngo-1956. Baboshelwa ukudayisa insangu. Inkantolo eGoli yabagweba ukuthi banqunywe ngokomthetho kahulumeni wobandlululo. I-Drakensberg Musical Theatre izokwenza umdlalo ngalokhu.”
I-Drakensberg Extravaganza ingomunye wemicimbi yaseBergville ozokwethulwa eNala Lodge (Emarondweni) ngeSonto.
Eminye imicimbi ezayo, Ukhahlamba Maskandi Festival ozoba ngoNovemba 12, Okhahlamba Music Experience ngoDisemba 17 neBig Zulu Homecoming ngoDisemba 24.
“Sizokwethula yonke imicimbi emikhulu esizoba nayo. Umasipala ugqugquzela ukuthi sibambisane singabahleli bemicimbi, singancintisani futhi sesekane okuyingakho sethula ngokuhlanganyela,” kusho uSipho.
Uthe izinto zizobuyela esimeni esijwayelekile njengoba eminyakeni emibili edlule iDrakensberg Extravaganza isingathwe ithanyelwe yidlanzana labantu ngenxa yemithetho elawula ukubhebhetheka kweCovid 19.
“Miningi imicimbi esizoba nayo ye-Extravanza nezingqungquthela kusuka kwezokuvasha, ezobuciko kuye nakwezemihlaba.
“Umjaho obuye usebenze njengowokungenela iComrades Marathon, usuzobizwa ngeDrakensberg Marathon hhayi iJosiah Gumede njengasekuqaleni. Kukhona umcimbi we-jazz, ikhonsathi yomculo ne-picnic,” kusho uSipho.
Uthe uhla lwabazonandisa luzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi futhi amathikithi azoqala ukudayisa kusuka ngesonto elizayo eTicketpro.