INKAKHA yomculi edabuka KwaMashu, uTu Nokwe, iqokwe emqhudelwaneni womhlaba i2020 Dora Awards eToronto, eCanada ngeqhaza elibambe emdlalweni weshashalazi othi Obeah Opera.
UTu (60), owake walingisa efilimini yodumo esihloko sithi Shaka Zulu(1986) nasemdlalweni wethelevishini othi Inkom' Edla Yodwa(1989), uqokwe ngokudlala indawo eqavile yomuntu omdala wase-Afrika obizwa ngeThe Elder.
Kule ndawo uTu usuke ebhekene nomsebenzi wokubheka nokuvikela amadodakazi akhe athunjwa e-Afrika ngesikhathi kunecala lokuthungathwa komthakathi owayebizwa ngoSalem e-US.
Lezi zindaba zokuqokwa kukaTu zidalulwe ngabadidiyeli balo mdlalo ekhasini lalo likaFacebook.
"Namhlanje ngihlangabezane nezindaba ezimnandi zokuthi i-Obea Opera iqokwe kabili emqhudelwaneni iDora. Amalungu ethu u-Anthony 'Prime' Guerra uqokwe emunxeni we-Outstanding Original Choreography tanding, kwathi umam' uTu yena waqokwa kwi- Outstanding Feature Perfomance. Umsebenzi okuzikhandliwe kuwo, ngakho kimina kusho lukhulu ukuwubona uthola le miklomelo kufana nokufezeka kwephupho".
"Ngibahalalisela kakhulu o-Anthony Prime Guerra noTu Nokwe nakwabanye abaqokwe kulo nyaka. Ngiwubheke ngamehlo abomvu lo mqhudelwano ngoJuni 29," kusho isitatimende ezifakwe ekhasini le-Obeah Opera.
Lo mdlalo uqokwa nje uke wakhonjiswa kwiLuminato Festival eCanada nyakenye.
UTu yindodakazi yezingwazi zamaciko akuleli angasekho futhi ahlonishwa umhlaba wonke, u-Alfred Nokwe noPatty Nokwe. Ngaphandle kokulingisa, uTu ungomunye wabaculi abahlonishwayo futhi owaduma ngengoma eyayithi Inyakanyaka nethi Zonkizizwe.
Yena nodadewabo uMarilyn owayeyilungu iMango Grooves nomngani wabo, uNonhlanhla bake basungula iqembu, iBlack Angels futhi baze baqopha icwecwe. UTu wabuye wasungula iqembu ayehlose ngalo ukuvumbulula ikhono entsheni, Amajika Youth Project. Leli qembu laliqeqesha intsha ukucula, ukudansa nokulingisa.
Laba yimpumelelo kakhulu kangangoba lavumbulula amaciko asehlonishwa nasemazweni angaphandle njengoba amanye amalungu agcina esethathwe nguMbongeni Ngema. Iningi lawo liyingxenye yefilimu kaNgema iSarafina.
UTu ube eseyohlala e-England kodwa wabuyela kuleli esozolingisa indawo kanina kaShaka efilimini. Wabuye walifulathela elakuleli eseyogoba amadlangala e-US lapho afike wafunda eManhattan School of Music.
Kulezi zinsuku uke abonakale exoxa izinganekwane ezinhlelweni zethelevishini.
*AmaDora Awards azokhonjiswa ezinkundleni zokuxhumana ngoJuni 26.