INKAKHA yomlingisi uTony Kgoroge esanda kujoyina umdlalo waku e.tv Imbewu: The Seed iphumele obala ngokuthwala kanzima ingena esikhundleni somlingisi owaxoshwa, uMpumelelo Bhulose.
UTony onguMengameli wenhlangano elwela amalungelo amaciko, iCultural and Creatives Industries Federation of South Africa uqale ukulingisa indawo kaZimele Bhengu emasontweni amabili edlule.
Ekhuluma neSolezwe ngeSonto uveze ukuthi iziqephu zokuqala zaba nzima kakhulu kuye, kwayena zazingamgculisi uma ezibuka.
“Ngaqale ngadayiswa indlela engiphimisa ngayo amagama njengoba ngingesiye umZulu. Ngesinye isikhathi bengithi uma ngikhuluma bangitshele ukuthi akushiwo njalo la.
Ngishadelwe unkosikazi womZulu ngakho ngiyazi ukuthi amaZulu awahlonipha kangakanani amasiko,” kusho uTony.
Uthe into eyayingamlalisi ebusuku ukuthi wayenovalo lokubukeka njengesehluleki kubalandeli balo mdlalo, unkosikazi wakhe uSthandiwe Kgoroge naye ongumlingisi nabantu basekhweni lakhe.
Uveze ukuthi kukhona ingcosana yabalandeli eyazwakalisa ukungamthakaseli uZimele omusha bemqhathanisa noMpumelelo, begxeka nangendlela akhuluma ngayo isiZulu.
“Angifunanga ukubuka ukuthi uMpumelelo obeyidlala kanjani le ndawo kaNgcolosi. Ngiyibuke le ndawo njengomdlali omusha.
UNgcolosi akusiye umuntu wangempela ngakho akekho umuntu ongakutshela ukuthi udlalwa kanjani.
Ngisho umuntu ongeza emuva kwami naye kuyofuneka amdlale ngendlela yakhe,” kusho uTony.
Unxuse abantu ukuthi bayeke ukumcwasa ngokobuhlanga, bamehlulele ukuthi uyahluleka ukudlala indawo yendoda yomZulu ngoba engumSuthu.
Uthe abantu abakhumbule ukuthi uSindi Dlathu ngesikhathi eqala ukulingisa kuMuvhango wayengasazi nhlobo isiVhenda kodwa manje useyasithamunda.
Ubonge unkosikazi wakhe ngokumlekelela ekuphimiseni kahle amagama esiZulu, obekunzima ukuthi awaphimise.
Ebuzwa ukuthi ngabe uzozinza kulo mdlalo, uthe lokho kuzolawulwa inkontileka yakhe nokuthi usaphatheke kahle ngoba ngeke akubekezelele ukuxhashazwa.
Ukhuthaze abalingisi ukuthi bangalinge basayine izinkontileka uma kunezinto abangavumelani nazo ngoba ngeke kubasize ukukhala ngemuva kwesikhathi.