KUSAZOTHATHA isikhashana ukuthi umculi wowokholo uFikile Mlomo abuyele ngokugcwele emsebenzini yize eseluleme futhi ephume esibhedlela esezihambela.
Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Noma Kunje uphume ngoMsombuluko esibhedlela iChief Albert Luthuli, eThekwini ngemuva kokuchitha izinyanga ezintathu khona.
Isolezwe lisanda kubika ukuthi wangeniswa ngenxa yokufa esingezansi nobese kumenza ahambe ngesihlalo esinamasondo.
Muva nje uzakwabo uThinah Zungu usanda kuhlela ikhonsathi yokuthi aqoqelwe iminikelo yokumsiza ngoba ingekho imali ayenzayo ngenxa yokubambeka.
UThinah utshele leli phephandaba izolo ukuthi bayabonga ngokwesekwa.
“Okubalulekile manje wukuthi sikhulekele ukuthi alulame ngokugcwele impilo iqhubekele phambili.
“Ingxenye yomnikelo sizoyisebenzisela ukuthi angene estudiyo enze i-albhamu ukuze akwazi ukuqhubekela phambili nomsebenzi wakhe,” kusho uThinah.
Uthe ngekhonsathi benza u-R75 000 futhi basazivulile izandla kwabasafuna ukunikela.
“Asikuvalile ukuphosa. Bakhona abebelokhu bephosa namanje ngoba asazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuze alulame ngokugcwele.
“Ngeke avele asuke asebenze njengakuqala, kuzothatha isikhathi. Akakaqali ukusebenza ngakho abanothando basangaqhubeka nokuphonsa imali ezomsiza ngezindleko zokuqopha nokunakekela umndeni wakhe,” kuchaza uThinah.
Imizamo yokuthola uFikile ayiphumelelanga njengoba ethe akakwazi ukukhuluma usematasa ngesikhathi eshayelwa.
Kwi-video ayifake ekhasini lakhe ku-Facebook ephuma esibhedlela, ubemamatheka injabulo ibhalwe ebusweni ehamba ephakamisa nezinyawo ukucacisa ukuthi useyazihambela.
“Ngabe ngiyasina manje, angikakakwazi, umthungo ubuhlungu,” kusho yena.
Uthe ubonga imithandazo yabo bonke abebemkhulekela futhi bemnikelela.
“Ngiyanithembisa ukuthi ngizonipha i-albhamu emnandi ezonithobisa izinhliziyo, nginibonge ngayo. Ngiyabonga kakhulu,” kusho uFikile.
Abalandeli bakhe bakhombise ukujabula ezinkundleni zokuxhumana abanye bebabaza amandla kaNkulunkulu.