ZIPHUME zidemelayisa izinduna namalungu omkhandlu weNkosi yasoFafa abathi babanjiswe udonga yinkosi yakule ndawo engazange ifike emhlanganweni ebeyiwubizile.
Izinduna namalungu omkhandlu weNkosi uVela Dalicebo Ndlovu, bathi bahlale kwaze kwaba indaba belinde inkosi emhlanganweni obekufanele ube ngoLwesibili.
Izinduna namalungu omkhandlu athe kwale noma sekujutshwe enye induna ukuba iyothungatha inkosi, yabuya ilambatha.
Kunemvunge oFafa ngokuphatha kukaNdlovu njengoba amalungu omphakathi ekhala ngokuthi akahlali endaweni futhi akayibizi imihlangano yomphakathi.
UNdlovu yena ngakolunye uhlangothi, ukhala ngokuthi unyundelwa abambangisa isikhundla, uthi akamningi kakhulu endaweni ngoba usabela impilo yakhe.
Izinduna namalungu omkhandlu athe emva kwezikhalazo zomphakathi, uNdlovu uwabizele emhlanganweni obekufanele ube ngoLwesibili, enkantolo yesizwe.
Induna ecele ukuba igama layo lingadalulwa, ithe uNdlovu akazange alubhade emhlanganweni.
“Umhlangano bekuthiwe uzoqala ngo-10 ekuseni, sihlale kwaze kwashaya u-2.30, kwagcina kusicacele ukuthi inkosi angeke ize ifike. Besiwujahile umhlangano kwazise phela inkosi kade yagcina ukubiza umhlangano womkhandlu. Okubuhlungu ukuthi kayizange isho ukuthi ayisezi, sihlalele ubala.”
Induna ithe kuhlule noma sebejube enye induna ukuba iyobheka uNdlovu, yamfuna yangamthola.
“Imfune lapho ehlala khona yangamthola. Ithe iyomfuna kwenye indawo kwathiwa uqeda kuphuma.”
Iqhuba le nduna, ithe baphoxekile ngokubhuntsha komhlangano.
“Ngibabaza nje isibindi sokuhlalisa abantu abadala usuku lonke. Iningi lezinduna namalungu omkhandlu abantu abadala, abanamahlalakhona. Iningi lethu lisebenzisa amaphilisi. Ayilungile le nto yokuthi sihlaliswe usuku lonke.”
UNdlovu uphikile ukuthi ubebize umhlangano ngoLwesibili, wathi yena umhlangano awubizile uzokuba ngesonto elizayo.
Uthe ubekade ehlele ukuthi umhlangano ube ngoMsombuluko, kodwa usewushintshele uLwesithathu
“Angazi ukuthi bakuthathaphi lokhu kokuthi bekunomhlangano obekufanele ube khona izolo (ngoLwesibili).”
UNdlovu usole labo abambangisa isikhundla ukuthi basaqhubeka nomkhankaso wokumnyundela.
“Bafuna ngivele njengomuntu ongasebenzi, obiza imihlangano bese engabe esaya kuyona. Iqiniso mina ukuthi ngiyaqhubeka nokwenza umsebenzi wami. Ngiyayihamba imihlangano. Angihlali ekhaya ngenxa yokuthi impilo yami isengcupheni.”