Umethuli wohlelo iDeal or No Deal South Africa, uKatlego Maboe, uthe ukubheke ngabomvu ukubona ukuthi uhlelo luzoqhubeka kanjani njengoba sebekhiphe imali engaphezu kuka-R1 million kusuka luqalile ngoMashi.
Lolu hlelo, olususelwe kolwenziwa nakwamanye amazwe, luqale ngoMashi 6. Ludlala ngo-7.30 ebusuku phakathi nesonto bese luphindwa ngakusasa ngo-5.30 ntambama kuS3.
Kulona abayingxenye babekelwa amabhokisi angu-20 abawakhethayo anemali ephakathi kukaR1 kuya kuR250 000. Kumele ongenele akhethe ukuthi ufuna ukushintsha ibhokisi libe yimali.
“Siyajabula ukumemezela ukuthi iDeal or No Deal isikhiphe imali engaphezu kuka-R1 million kusuka iqalile. Sibe nezikhathi ezimnandi nabangenele abavela ezindaweni ezahlukene abathathe izinqumo ezinzima ukuwina. Kube yisikhathi esimnandi futhi sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi ikusasa lisiphatheleni,” kusho uKatlego.
Selokhu uhlelo luqalile munye osathole uR250 000 okunguSiyabonga oveze ukuthi ufuna ukuqhuba izifundo zakhe nokuthenga umuzi.
Inhloko yakwaSABC, 1 u-Ofentse Thinane, ithe kubenza baziqhenye ukubona indlela abantu bakuleli olubathathe ngayo uhlelo.
“Siyaziqhenya futhi ngokufaka isandla emnothweni nokutshala imali ethalenteni lakuleli futhi siyajabula ukubona uhlelo iDeal or No Deal South Africa ikhula.”
Abafuna ukuba yingxenye bathumela igama Play ku-43066 noma kwi-website ethi - www.dealornodeal.co.za.