USUSHAYE ungqimphothwe umsakazo uKhozi FM ngengoma yeDistruction Boyz eyicula noBenny Maverick noDladla Mshunqisi ethi Omunye.
Le ngoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku idlale okokuqala kulo msakazo izolo ehlelweni iTop-20 elishayelwa uSthandwa Gama.
Likhuluma neSolezwe ngeSonto ilungu laleli qembu uQuinton “Que” Mgobhozi lizwakalise ukujabula ngokuthi iculo labo seliyadlalwa.
Lithe leli culo abantu bayalihlanekezela, alinawo amagama aziswana kodwa likhuluma ngokugcwala kakhulu kwabantu emcimbini okwenza ukuthi bagcine sebeshayisana ngezifuba, omunye phezu komunye. UQue ujabuliswe ukuthi lo msakazo ugcine usuwuqondisisa umyalezo waleli culo.
“Siyajabula ukuthi iculo lethu seliyadlala oKhozini. Sisebenze kanzima ngakho bekusiphatha kabi ukungadlalwa kwalo. Siyethemba ukuthi ngokuqhubeka kwesikhathi lizonyuka kuma-chart njengoba lingu nombolo-17,” kusho uQue.
Uthe leli culo lidlalwe njengoba linjalo, abazange bazishintshe izinhlamvu zalo ezithi “omunye phezu komunye” njengoba abaningi basebebacebisa ukuthi benze njalo.
Abalandeli babhale ezinkundleni zokuxhumana bebonga lo msakazo ngokushintsha umqondo ngaleli culo, abaningi abathi lingahle lihlukanise unyaka.
Okhulumela iSABC uKazier Kganyago uthe ngamampunge ukuthi uKhozi FM beliyivalile le ngoma kodwa belicele ukuthi ilungiswe ukuze bezokwazi ukuyidlala emsakazweni.
“Abanye bebekhala ngokuthi kungani uKhozi FM lusho njalo ngoba iMetro FM iyayidlala. Imisakazo nemisakazo inezindlela ezahlukene esebenza ngayo. Angazi kulokhu kwenzeke njani ukuze idlalwe kodwa ngikutshela indlela ekusetshenzwa ngayo,” kusho uKganyago.