AMALUNGU omphakathi waKwaNdengezi asabisa ngokuphazamisa umcimbi kaDJ Bongz ngoba ekhala ngezimpi zakamuva, athi seziholele ekutheni kufe abantu kuleli lokishi.
Lo mcimbi, i-6th DJ Bongz Social Links, kulindeleke ukuthi ubanjelwe ezinkundleni zemidlalo ezikuleli lokishi ngoMgqibelo.
Umthombo weSolezwe, obalule izigameko zokufa kwabantu KwaNdengezi, uthe ngesonto eledlule kutholakale isidumbu sowesilisa ebesinenxeba lokudutshulwa komunye wemigwaqo yasendaweni.
NgeSonto kuphinde kwaphuma ezinye izidumbu eduze kwesakhiwo sezitolo esikuleli lokishi ngesikhathi kudubulana amaqembu amabili abesilisa basendaweni, ngokusho kwalo mthombo.
"Isiphathisa ngesiyezi le nto yomcimbi kaDJ Bongz ozokwenzeka ngoMgqibelo njengoba kunesimo sokudubulana kwabantu. Njengoba kuhlezi kuphuma izidumbu uma kunalo mcimbi, asazi ukuthi kulokhu isibalo sizofika kuphi njengoba kudutshulwana kulezi zinsuku," kusho umthombo.
Uqhuba uthe okuphatha kabi kakhulu umphakathi wukuthi ikhansela livume ukuba yingxenye yalo mcimbi ekubeni lizazi kahle izinkinga ezikhungethe i-ward eliyingamele.
Elinye lamalungu omphakathi, elicele ukuthi sigodle igama lalo, lithe belifisa ukuthi umiswe kancane umcimbi kuze kudambe isimo sokubulalana kwabantu kule ndawo.
Liqhuba lithe amalungu omphakathi avivela ukuyonkanisa emasangweni ngosuku lomcimbi. Ikhansela lendawo, uMnuz Dumsani Nsundwane, linqabile ukuphawula ngesikhathi lithintwa yintatheli, layitshela ukuthi ayifike ehhovisini lalo.UDJ Bongz uthe zonke izinhlelo zisahamba ngohlelo, ngokwazi kwakhe. Uthe amaphoyisa azobe ephume ngobuningi bawo ukuqapha isimo.
"Ngizwile ukuthi kunabantu abakhononda ngezimpi ezingahlangene nezinkinga zomphakathi. Mina owami umcimbi uhlose ukujabulisa abantu. Okuhle ngawo ukuthi nosomabhizinisi bendawo abadayisayo bayahlomula kakhulu. Ngakho-ke angifuni ukugxila kokucatshangwa ngabantu ngoba lo wunyaka owesithupha ngiwuhlela futhi akunazinkinga," kusho uDJ Bongz.
Phakathi kwabazobe benandisa emcimbini kubalwa uDJ Sthelo, Big Nuz, Sun El, Mfana Kagogo noDJ Cndo.