IVULELWE umphakathi ema-cinema ngoLwesihlanu ifilimu ekhuluma ngokubaluleka kophenyo lwezintatheli, iShe Said.
Le filimu edidiyelwe nguMaria Schrader ithathelwe encwadini eyayikhuluma ngento eyenzeka ngempela, ngophenyo lwezintatheli zeNew York Times, iShe Said: Breaking the Sexual Harassment Story That Helped Ignite a Movement.
UJodi Kantor, Megan Twohey noRebecca Corbett bakhombisa ubunzima nokuzimisela kwabo ekuvundululeni iqiniso mayelana nalolu daba.
USchrader uthe ngale filimu ubefuna ukutshengisa ababukeli ubunzima obabhekana nezintatheli ngesikhathi zihlanganisa lo mbiko.
“Kudingeke ukuthi sithole izindlela zokuziveza ngendlela lezi zingqinamba kusukela beshayela izingcingo, bethumela imiqhafazo abathintekayo nokunye,” usho kanje.
Okunye okubhekwe kakhulu ngale filimu yizihlabani zabalingisi ababonakala kuyona, okubalwa uCarey Mulligan oseke waqokwa kabili kuma-Academy Awards kanjalo noZoe Kazan oseke waqokelwa ama-Emmy.
Lezi zinkakha zidlala indawo yezintatheli ezaqopha umlando zivundulula amahlazo okunukubezwa ngokocansi kwabantu eHollywood.
USchrader uthe iShe Said izokhuthaza abantu abaningi ikakhulukazi abesifazane ukuthi bakhulume ngezinto abadlula kuzona.
“Baningi abazovuseleleka futhi bakhumbuzeke ngamandla abanawo uma behlangene futhi bezimisele ukushintsha umhlaba.