KUFIKE izinyembezi kugogo wowesifazane owabulawa ngesihluku enxanxatheleni yezitolo eGateway eMhlanga, eThekwini, ebona okokuqala umsolwa evela eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UMnuz Sphamandla Khumalo (37) waKwaMina, KwaNongoma onengane nomufi, uNksz Nomfundo Msibi (30), ubhekene necala lokumgwaza ephindelela ngo-Agasti 4, nonyaka.
Ekhuluma neSolezwe ngaphandle kwenkantolo ugogo kamufi uNkk Emelina Dlamini (76), uthe ubone kukuhle ukuthi asukume phansi KwaNongoma, azozibonela umsolwa njengoba icala seledluliselwe enkantolo enkulu.
“Ngithe uma ngimbheka ngezwa izinyembezi zigcwala amehlo. Ngivele ngacabanga ukuthi lezi zingane esengisele nazo, azibulalele unina ngizozithini njengoba sengimdala,” kusho uNkk Dlamini.
Umufi ushiye izingane ezimbili, eneminyaka engu-12 neneminyaka emine ayithola kumsolwa. Kuthiwa ilama ephakathi nendawo, okuthiwa yashona ineminyaka eyisikhombisa, nayo wayithola kumsolwa.
Uthe ngesikhathi ededela uNksz Msibi ukuthi akeze eThekwini azofuna amatoho, wayengazi ukuthi umdedelela ukuthi umsolwa azomphendula inyamazane.
Uthe wayenethemba lokuthi njengoba kusondela uKhisimusi, izingane zikamufi zizoswenka nazo njengezabanye kodwa ngeke kusenzeka.
Uveze nokuthi ingane (4) kamufi ihlala ihlale isho ukuthi ubaba wabulala umama.
“Sesithembele kuyo inkantolo ukuthi izothi uma isimgweba imnike isigwebo esifanele umuntu obulele ngesihluku.
Umshushisi woMbuso, u-Advocate Krishen Shah, uveze ukuthi banofakazi oyedwa abazomletha uma seliqulwa, waveza nokuthi bazoletha nobufakazi bokwaqoshwa amakhamera aseGateway.
IJaji uThoba Poyo-Dlwati lithe ulihlehlisela uJanuwari 23 ngonyaka ozayo icala, lathi ngaleso sikhathi kuyobe sekukhishwa izinsuku elizoqulwa ngalo, laphinde lengeza ngokuthi kungenzeka lisale seliqulwa ngaleso sikhathi.
Umsolwa ongene ebhokisini labasolwa maqede wadla iminwe, uthe esehla, ebuyela emgodini, wakhombisa ukwethuka uma ebona umndeni kamufi uphelele enkantolo.
Umufi ubulawa nje, kwase kunezinyangana amala umsolwa, waze washintsha nendawo yokuhlala, wanqamula nokuxhumana.
Kuthiwa wathi uma ebona ukuthi umufi akasafune lutho oluzomhlanganisa naye, wamdoba nge-lay-by, waze wathi uzothumela umfowabo ukuthi ayohlangana naye. Kwathi uma efika umufi, wathola ukuthi naye umsolwa ubuye weza, wamgwaza wambulala beqeda kuphuma esitolo sezingubo.