INDLUNKULU kaZulu, isikhiphe umyalelo wokuthi uQuality Biyela noKhuzani Mpungose kumele bazoxolisa emva kwengxabano eholele ekutheni kushaywe uQuality kubangwa igama leLembe.
Ngempelasonto kusabalale ivideo lapho uKhuzani ebonakala eshaya uQuality ngempama, emcimbini obuseSettlers Park, eMnambithi, ngoMgqibelo.
Okhulumela iSilo uMisuzulu kaZwelithini, uMntwana u-Afrika, uthe ngenxa yokuthi baze bashayana bebanga igama leLembe okungamele bazibize ngalo sebezidonsele amanzi ngomsele, kumele bazogeza isihlalo ukuze izinto zabo zihambe kahle.
“Isihlalo sikaZulu akuyona into yokudlala. Akekho okumele azibize ngeLembe. Lezi zibongo azicoshwanga phansi futhi akuzona ezokuphuza utshwala. Omaskanda kumele badlalele kude nezulu. Ngesenzo sabo sokushayana bebanga eleLembe, sebengcolise isihlalo. Kumele bobabili beze endlunkulu bezoxolisa ngezinkomo ngoba sebezidonsele ubumnyama futhi izinto zabo ngeke zilunge uma bengenzanga kanjalo. Uma beqinisa amakhanda bengakwezi lokhu esikushoyo, bazobizelwa esithangamini esiphuthumayo, esiholwa wuMntwana uGibson, nesigxile ekubhekeni izinto eziphuthumayo,” kusho uMntwana u-Afrika.
Uthe akuvumelekile ukuthi umfokazana azibize ngeLembe ngoba lokho kungukungcolisa umphefumulo weLembe, kumele bazogeza ibhadi asebezifake lona.
UKhuzani uzwakale kuleli phephandaba ekhala ngokusukelwa wuQuality athi indaba iqale ngoSepthemba 24 ngesikhathi kunomcimbi woMbuso Wamaciko. Kuwona kwabizwa uKhuzani ngeLembe, nokuyinto okuthiwa yacasula uQuality. Lokho kuholele ekutheni uQuality abhale ezinkundleni zokuxhumana ethi uyena iLembe, abanye bangamale**, (esho isitho somuntu wesifazane). UKhuzani uveze ukuthi usevule necala emva kwalesi sigameko usola noQuality ngokumsabisa njengoba ethe waqhumisa isibhamu emva kokumshaya “ezivikela.”
FUNDA NALOLU DABA: Kuqhume ulabhabha uKhuzani noQuality bebanga eyeLembe
UQuality uthe naye uselivulile icala lokushaywa kwakhe futhi akukho lapho akhuluma khona ebhekise kuKhuzani ngeleLembe.
“Kudala ngazibiza ngeLembe. Nangesikhathi sengicacisa ukuthi yimina iLembe, abanye amale** (esho isitho sowesifazane), angizange ngibize gama lamuntu. Bekumele neGcokama lingishaye phela ngoba nalo liyazibiza ngeLembe. Nokushaywa kwami ngangingakulindele. Kumina kwafika unogada ezongibiza, ngisendaweni yezicukuthwane emcimbini, ethi ngicelwa wuKhuzani. Wathi ucele ukungeniswa yimina esteji. Ngathanda ukukuxwaya lokho ngoba bese kunesikhathi agcina ukungicela kanjalo kodwa ngeza. Ngithe ngifika kuyena ngahlangana nempama esaqupha iqhamuka kuyena ngingazelele, ngavele ngadideka ukuthi ngishayelwani. Nesibhamu okuthiwa ngasiqhumisa amanga lawo. Isibhamu saqhunyiswa wonogada bevula indlela ngesikhathi ngikhishwa esixukwini. Onobufakazi bokuthi saqhunyiswa yimina akabulethe,” kusho uQuality.
Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aphenya icala lokushaywa kowesilisa oneminyaka engu-26. Uthe umgilwa uveza ukuthi ulimale ebusweni.
UQuality ungusaziwayo odume ngemiswenko “ebizayo” aphinde abe ngumculi kamaskandi. Phambilini wakhipha iculo elisihloko esithi: Iziqumama, kanti nyakenye ukhiphe i-albhamu engacwele iLife is Magic.