INKULU impi yamazwi ezinkundleni zokuxhumana phakathi kwezinsizwa ezenze izingoma ezijabulise abantu kuleli, uPrince Kaybee(Kabelo Motsamai) noNkazimulo Ngema odume ngelikaTNS, nosekuvele ukuthi umbango ophakathi kwabo uthinta imali yezingoma ethi, Banomoya nethi Club Controller.
UTNS usola uPrince Kaybee ngokungamkhokheli imali yesandla sakhe asifake kuzona zombili lezi zingoma.
Laba bobabili babhale ezinkundleni zokuxhumana ngalezi zindaba njengoba uTNS, kunguye oqale waveza indlela angajabule ngayo ngalo mculi.
UTNS isikhalo sakhe ukuthi lo mculi akaze amnike ngisho isenti yize lezi zingoma zenze kahle, kodwa uPrince Kaybee uyakuphika lokho.
“UTNS ngimenzele konke sisendawonye njengoba ubethola ukuqashwa ngisebenzisa izinsiza zami, ukuze akhe igama lakhe. Uhlale emzini wami wonke * -2018 ngemuva kokungazisa ukuthi indawo yokuhlala akanayo, akanazimpahla nemali yokuqala umculo wakhe,” kusho uPrince Kaybee.
Uthe uTNS kwazinto azisebenzisa estudiyo manje zathengwa umngani wakhe amazisa kuye ongusomabhizinisi.
“Bengikholelwa kulo muntu futhi ngamthatha ngamenzisa izinto eziningi, ngaphinde ngamsiza ezintweni ezithinta izimali. Ngeke ngiyeke ukusiza intsha efuna ukuba nekusasa emculweni, ngeke ngisakhuluma ngale ndaba kwabezindaba sengiqedile manje,” kuchaza uPrince Kaybee.
TNS
UTNS uthe imali akhuluma ngayo uPrince Kaybee athi wamnika yona yayingahlangane nezingoma abasebenzisane kuzona.
“Imali ayethi angenze ngayo izinto ezihlukene, hhayi eyomsebenzi wami. Enye imali ayifakile ezinkundleni zokuxhumana kwakungeyami eyibuyisa ngemuva kokungisola ukuthi ngilale nentombi yakhe, nakhona lapho angikaze ngiyenze lento angisola ngayo. Mina bengidla ushintshi, uma efuna ngize la azodlala khona ubengifakela ngaleso sikhathi imali emuva kwalokho anganginiki lutho,” kuchaza yena.
Uqhube wathi kuze kwashona umkhulu wakhe engakamboni ngenxa yokuswela imali.
“Akayeke ukukhuluma amanga ngifuna konke okungokwami,” kuchaza uTNS.