ILOKHU ingena imiyalezo yenduduzo ngemuva kokudlula emhlabeni kwelungu leqembu lekwaito i-Alaska, elishone ngeSonto ngemuva kokugula.
I-Alaska, eyaduma eminyakeni ngabo -1990, ishiywe wuThabo “Crazy T” Tsotetsi obesesele noSiphiwe “Picat” Sibeko.
UPicat ukuqinisekisile ukushona kukaCrazy T, wathi ubengeniswe esibhedlela.
Imizamo yokuzwa ukuphawula komndeni izolo ayiphumelelanga ngoba ucingo lwengane yakhe uTebogo Tsotetsi belungabanjwa.
Nomzala wakhe ongesinye sezikhulu zeKalawa Jazmee, lapho i-Alaska ebiqopha khona, uMandla “Spikiri” Mofokeng, ubengalubambi olwakhe.
Omunye wabaphathi beKalawa, u-Oskido, ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sengathi angalala ngokuthula.
Iqembu lezepolitiki, i-Economic Freedom Fighters, lizwakalise amazwi enduduzo kwiTwitter.
“Ithalente lakhe ngeke lilibaleke.”
UThembelihle Bunu Marcia Paris ubhale kwiFacebook wafaka izingxoxo zabo zakwiWhatsApp wathi bebenezinhlelo.
“Kubuhlungu futhi angifuni ukuqamba amanga. Bengithi uzobuya esibhedlela uphila kodwa akuphelanga nesonto manje awusekho,” kusho uThembelihle.
Nabanye babhale kwiFacebook amazwi enduduzo.