INGWAZI Yomculi kamaskandi, uBheki “Ihhashi Elimhlophe” Ngcobo, ubonga amazwe angaphandle ngomsebenzi ngoba kuleli ukuqashwa kuyagqoza.
Ihhashi Elimhlophe lithi kuliphatha kabi ukuthi abaculi abadala bakuleli kabasetshenziswa.
“Isikhathi esiningi ngiyaphuma ngiye ngaphandle njengaseSwatini naseCongo. Lapha ekhaya angithandi ukukhuluma amanga, kuba wugqwa gqwa ngamafu. UNkulunkulu emuhle siyasebenza kwezinye izindawo ngoba igama lakhekile nakhona,” kusho iHhashi.
Lithe liyababonga abantu abalikhumbulayo uma benza imicimbi bese beyaliqasha.
“Into ebalulekile lapha ekhaya wukuthi kumele sihloniphe amaciko amadala kungabi sengathi awekho. Uma engasekho sikhala kakhulu, sikhalela into esingayazi ngoba asuke ephilile phambi kwethu. Akungijabulisi ukungagqanyiswa komlando wobaba uPhuzushukela nabanye abangaphumelelanga njengami. Bavula indima yawo wonke umuntu. Kwamanye amazwe amaciko amadala ahlonishwa ngenye indlela. Laba ozitshela ukuthi baphelile uzwa kuthiwa baqashwe unyaka wonke kodwa lapha kuthiwa mdala,” kubhoboka Ihhashi ngempatho yamaciko amadala.
Ihhashi elineminyaka engaphezu kuka-40 lisemculweni, likhuluma kanjena nje, lilungiselela ukuzifaka emlandweni ngokuba wumculi wokuqala kamaskandi ukuqopha bukhoma iDVD.
Umcimbi uzoba ngoSepthemba 16 no-17, eSoweto Theatre.
“Bese kuyisikhathi esifanele ngoba uma sesifikile kumele ulalele ukuthi kumele wenzeni. Sihlelile nomndeni ukuthi senze iDVD bukhoma ngoba igama leHhashi kudala likhona lisebenza.”
Lo maskanda uthe uzokhetha amanoni akhe amadala ukuthi awaqophe futhi kukhona nezintsha azozishaya.
“Zikhona izingoma engizithandayo kodwa ngeke ngikwazi ukuzenza zonke ngenxa yesikhathi. Ngiyathanda ukuqhamuka nezingoma engavela ngazo. Ingoma ethi Wololo engaqhamuka ngayo, ngiyayithanda. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizomema yini abaculi engake ngasebenza nabo kodwa uma bekhona bazoba yimfihlo.”
Uthe kunzima ukukhetha uma usebenze nabantu abaningi ngoba uma kukhona osalayo kuba ngathi awumkhonzile. Phakathi kwasebenza nabo kubalwa iBoom Shaka, Oskido, Zola, Mdu nabanye.
“IDVD izotholakala kuzona zonke izindawo uma isiphothuliwe. AmaCD aya ngokuphela kodwa kusekhona abanye abanawo futhi izotholakala nangabo ubuchwepheshe yonke indawo.”