UMLINGISI woMkhokha The Curse, uMbuso Khoza, ukholelwa ukuthi amahubo yiwona axoxa umlando oyiqiniso kunezincwadi.
UMbuso, obuye abe wumculi we-world music, ukhulume kanje ngesikhathi echaza ngomdlalo weshashalazi oqeketha kabanzi ngomlando wempi yaseSandlwana. Lo mdlalo osihloko sithi Isandlwana Lecture The Musical uzokhonjiswa eJoburg Theatre, eBraamfontein kusukela ngoLwesine, ngoLwesihlanu nangeSonto ngo-7.30 ebusuku.
UMbuso, olingisa indawo kaMaphalala kuMkhokha, uthe lo mdlalo ubheka ukuthi isizwe esimnyama sifike kanjani lapha, yini eyasilahlekela kulolu hambo nokuthi yini esisengayibuyisa ngokwesiko.
Uthe sekuwunyaka wesikhombisa bekhombisa ngalo mdlalo ngenhloso yokuvuselela le ngqophamlando.
Isandlwana Lecture The Musical umdlalo okhuluma ngempi yaseSandlwana eNquthu lapho amabutho kaZulu anqoba khona amasosha amaNgisi empini eyayibizwa nge-Anglo Zulu War ngo-1879. Kubikwa ukuthi amaZulu ayebalelwa ku-20 000 ayehlome ngemikhonto nezihlangu futhi ehamba ngezinyawo aqumba phansi amasosha ayehlome ephelele.
UMbuso uthe ukuxoxwa kwalo mlando kusiza ngokuthi intsha ingalahlekelwa ukuthi ingobani nokuthi yazi iqiniso ngokuthi kwenzekani kule mpi.
Uthe yize umlando omningi awuthekela ebantwini ngomlomo kodwa ubuye uhlanekezelwe ngenxa yokuthi abanye abantu babuye bawuthake nehaba.
Uthe kulo msebenzi usebenze neJadu Le-Afrika, Sifiso Mthabela waseMpumalanga, Anele Ngwenya, Nomagungu naMafa Heritage.
Amathikithi okuthamela lolu chungechunge adayisa eWebtickets nasezitolo zasePick n Pay ngo-R400.