INDODAKAZI yomculi kamaskanda waKwaSwayimane, uVusi Ximba ongasekho, ithi yenze ucwaningo ngomculo kayise ngoba ifuna ungashabalali.
UNonjalo Ximba, izolo uthweswe iziqu zeMaster of Arts degree, azithole eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Ekhuluma neSolezwe ngocwaningo alwenze ngolimi lwesiZulu, uthe umculo kayise wawuxoxa izindaba ezihlukene, yingakho ekhethe ukubheka ukuthi lezo zindaba wayezisusela kuphi, futhi ufuna nesizukulwane esizayo sazi ngoyise.
“Izingoma zikababa ezinye azisatholakali ezitolo, ngakho ngibukile ukuthi leli ciko eliwubaba yini engingayenza ukuze igalelo lalo lingalibaleki kalula kuleli. Kula ngivele ngakhetha khona ukwenza lolu cwaningo engilwenzile ukuze kungasizakali nje kuphela abantu abazi ubaba esaphila. Ngifuna nabanye abayozwa ngaye eminyakeni ezayo bese bekhetha ukwazi kabanzi ngaye, bathole lolu cwaningo engilwenzile,” kusho uNonjabulo.
Uthe unina ube wusizo ngesikhathi enza ucwaningo njengoba ezinye izingoma bese bengazitholi kodwa waya kubantu abahlukene ezibheka kubona.
“Akekho owake wenza ucwaningo lokuthi ubaba lezi zingoma uzisusela kuphi, kodwa bekubhekwa udumo lwakhe nawo umculo kuphela. Umculo wakhe waqala wawudlala emarenki nasemadolobheni, kwaze kwaba uyaduma. Ngakho konke lokho sakuthanda singumndeni kodwa manje bese kumele ngibheke okunye ngawo. Izazi zomculo engikhulume nazo, okunye ezikuvezile wukuthi ubaba ubecula ngezinto ezingajwayelekile, okukhona kuzo ucansi, omahosha, izimpahla, ubuthakathi nabesilisa abathandana nabantu abahlukene,” kuchaza yena.
UNonjabulo uthe uthanda umkhakha wobucingo, yingakho ehamba ezinyathelweni zikayise.