KUZOMELE bajabule babuye nganeno abalandeli beqembu iShana abakitazwe wukubona izithombe zamalungu alo ehlangene ndawonye njengoba kungekho mculo eliwuhlanganisayo.
Leli qembu, iSimply Hot And Naturally African (Shana) eladuma eminyakeni edlule, libunjwe wuBlack Coffee, Shoba (ngaleso sikhathi owayebizwa ngoShota) noDemor.
Bazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo ethi Uyangichomela, Umuhle, Ung’phul’inhliziyo, Umlenze Owodwa nezinye kanti bagcina ukukhipha ndawonye ngo-2008 nge-albhamu ethi Forever Yours.
Ngemuva kwalokho, basebenze ngokuhlukana nokuyinto esenzeka manje yize uBlack Coffee noShoba bebukeka besondelene njengoba bejwayele ukuhamba ndawonye naphesheya lapho abanandisa khona isikhathi esiningi.
UDemor ufake izithombe ezinkundleni zokuxhumana bendawonye nokuyinto esuse igidigidi kwabaningi.
“Ngiyajabula ukunibona nihlangene, asithembe kukhona enikuphekayo. Into enkulu efana nomculo,” kubhala uSikhumbuzo T 4 Touch ku-X
UTshidee ucele i-albhamu yokugcina.
UMbusi Nzama uthe uyajabula ukubabona behlangene.
UDemor, obemanqika ukukhuluma, utshele leli phephandaba ukuthi bebezihlalele kungekho okutheni abebekwenza.
“Besizihlalele nabafowethu nokuyinto esiyijwayele. Kulokhu nje, kufike umoya wokuthi sishuthe. Akukho albhamu ebesikhuluma ngayo,” kusho uDemor.
Uqhube wathi: “Mina ngingathi kubantu kulezi zingoma ezikhona asibone bedlala zona ukuze sibone ukuthi bayazithanda. Sengathi sinezingoma esinazo ngokwahlukana kodwa bengazidlali bese befaka ingcidezi yokuthi bafuna umculo omusha.”
Uthe uma kwenzeka kuba khona abakuhlanganisayo ziyoba khona izindlela ezifanele abayomemezela ngazo.
“Mina kunezinto engizenzayo eceleni, namajita ngokunjalo amatasa. Angifuni ukunikeza abantu ithemba elingekho. Angifuni futhi nokukhuluma izinto ezizophatha kabi abafowethu.”