U MCULI wowokholo uSfiso Ncwane oshaya ibuya kumaSABC Crown Gospel Music Awards ngemuva kokunyamalala iminyaka, uthe ubesadedela abanye bezwe nabo kunjani ukunqoba.
UNcwane uqokwe emunxeni weBest Gospel Artist lapho eqhathwe khona noDumi Mkokstad, Andile KaMajola, Lebo Sekgobela noDr Tumi.
UNcwane wagcina ngo-2011 lapho engatholanga khona lutho kanti kwabikwa ukuthi wayiduba le miklomelo.
Uthe wayesanikeza abanye abaculi ithuba ukuze bezwe ukuthi kunjani ukunqoba.
“Kuyanikezwana ithuba. Nginikeze abanye ukuze bezwe kumnandi kanjani. Bengisamatasa neminye imiklomelo njengamaSama namaMetro engiyinqobile. Abalandeli bami bebekhala bethi abasangiboni kumaCrown. Ekugcineni angiziculeli mina kodwa ngiculela abantu. Kumele siweseke ngoba yiyona miklomelo emikhulu eNingizimu Afrika yamaKristu,” kusho uNcwane.
Unxuse abantu ukuthi bamvotele ukuze ezobuya ngendondo kule miklomelo.
“Ngiyakhankasa lapha eGoli, angihleli phansi. Ngingayijabulela indondo. Emuva kweminyaka ngagcina ukuyithola indondo, kungaba kuhle. Ngiyacela abantu bangivotele ngokuthumela iSMS ethi, artist Sfiso Ncwane ku-43069. Kuvalwa ngo-9 ngeSonto.”
Uveze ukuthi akakapheli moya ngephupho lakhe lokunqoba indondo yamaGrammy neyamaBET Awards. Uthe noma engahluleka kodwa uyobe ezamile.
“Uzoyibona i-video yengoma yami ye hip hop ukuthi isezingeni eliphezulu kanjani ngoba ngifuna ukuba sezingeni lomhlaba. Laba bantu bafuna ukwazi ukuthi igama lakho laziwa kangakanani kuqala ekhaya. Noma ngingaqokwa kuyobe kwanele. Lokhu engikwenzayo angizenzeli mina kodwa ngimele umculo wowokholo wonke neNingizimu Afrika yonke.”
Uthe useqalile ukusebenzisana nabaculi bakwamanye amazwe ase-Afrika ngoba kuzomsiza ukungena kule miklomelo.
AmaCrown Awards azoba seNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, ngeSonto.