UMCULI kamaskandi wasendaweni yaseMsunduze, eNdwedwe, uSamukelo “Msongelwa” Khanyile, uqophe umlando ngokulingisa izindawo ezintathu eziqavile emdlalweni owodwa osakazwa esiteshini sabomdabu baseNdiya kuDStv Channel 169, osihloko sithi Onesipho.
UMsongelwa uqale enguMnuz Khuran njengoba manje esezozwakala edlala ezinye ezimbili.
"Senginikwe izindawo ezimbili, ekaGuruji nekaGopas Das. Kuyisimanga esidinga ukubatshazwa nobuciko engibudlalile lana, kunzima nokuqagela ukuthi kusengumuntu oyedwa."
UMsongelwa uthe ukujabulele kakhulu ukuthola le misebenzi emidlalweni engaconsi phansi kubantu abamnyama kulezi zinsuku. Echaza uMsongelwa, uthe le midlalo iqoshwa e-India bese izohumushelwa esiZulwini kuleli, sekusetshenziswa amazwi abalingisi bakuleli.
"Lo mdlalo, i-Onesipho, ukhuluma ngendodana kaMr Khuran ayithole kunkosikazi wakhe, uRita, ogama layo kunguDevashn nabayikhulise ngenkolo njengoba nabo bekholwa.
Lo mdlalo umnandi futhi uyafundisa ngezinkolelo zabaseNdiya okubalwa kuzo izithixo abakholelwa kuzo nabakhuleka kuzo uma bebhekana nobunzima ezaziwa ngonkulunkulukazi."
UMsongelwa uthe udweshu kulo mdlalo lusuka lapho kuqhuma isehlukaniso somshado phakathi kukaDevashn noNayan, nalapho uDevashn ezithola esesenkingeni njengoba sekuvumbuka nabanye besifazane abamfunayo nokubukeka benesandla ekuxegeni komshado wabo ngokubathakatha kwazise uDevashn ungusaziwayo oshaya umzwilili womculo nesiginci esivusa usinga.
Uthe uMr Khuran uyindoda ekholelwa kuNkulunkulu kangangoba ngisho kufika siphi isimo ukholelwa ekutheni uNkulunkulu kuphela umanqoba.
"Kimina kufana nokufezeka kwephupho lami ukwenza ama-voice over njengoba kakade kwakuyiphupho lami ukudlala imidlalo yomoya emsakazweni kwazise isiZulu sami sihle futhi ngasithola ngo-A kumatric“.
UMsongelwa ufunde amabanga aphansi e-Oarkford Primary, eLihlithemba High naseCreative Art College lapho ephothule khona iziqu zePerforming Art nakwiMpucuzeko Skills and Training Development.
Emuva kokuqeda i-internship kwiMpucuzeko, uMsongelwa ube eselingisa kuKhakhayi The Kingdom, Rage of The Lioness nakwiLove and Maskandi.
UMsongelwa ubuye abonakale nakuZalo lapho elingisa khona indawo ka-Officer Gumede.
Usanda kukhipha i-EP enezingoma ezintathu esihloko sithi Ingqongqo.
Kwenye yezingoma uMsongelwa ucule ngokuhlanganyela nomculi kamaskandi obizwa ngoMafikizolo.
Emculweni uqale ukuduma ngengoma ethi Niyaselapha, Niyasithunuka ngaphambi kwe-albhamu ethi Amadlelamona.