USHONE enomsebenzi omlindile umlingisi, uMacDonald Mathunjwa, odlule emhlabeni ezintatha kuthangi emuva kokugula ephethwe yizifo eziyamaniswa neCovid-19.
Uzakwabo kwezokulingisa, uVusi Dibakwane, uthe bekunomsebenzi abefuna ukumnikeza wona njengoba bebesebenza kakhulu ndawonye.
"Kunomdlalo engimatasa nokuwudidiyela njengamanje, bengisathi ngizomthinta angibhalele umculo wawo. Nguyena obengibhalela umculo wemidlalo yami njengeStokvel," kusho uVusi ongumlingisi nomdidiyeli wemidlalo.
Uthe ushaqeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubengalindele.
"Insizwa ebengisebenza nayo ngonyaka odlule. Kukhona umdlalo wamahlaya esisebenze kuwo ndawonye, iHhayi Bo Mnakwethu, engicabanga ukuthi kudlala impinda yawo kuMoja Love manje. Bekuwumuntu okhuthele, enamahlaya futhi lapho ekhona ubethanda kuhlale kuhlekwa. Ngithuke kakhulu ngokuthi usedlulile, ngizomkhumbula kakhulu."
Uthe balahlekelwe ngumuntu obethandwa futhi naye ethanda abantu.
"Kumele sizibheke, ikakhulukazi thina esibadala, sizinakekele, sihlale sifake izifonyo, sigweme izindawo ezigcwele futhi uma siphumile sigeze izandla njalo. Ngithanda ukugcizelela ukuthi thina esineminyaka engaphezu kuka-60 kumele sizibheke impela ukuze siphephe," kugcizelela uVusi.
Omunye umlingisi, uMagic Hlatshwayo, uchaze uMathunjwa njengomuntu obemnene futhi ethanda amahlaya.
"Ngisebenze naye isikhashana kudala kodwa ubengumuntu obewuthanda umsebenzi wakhe. Ubengagcini kuphela ngokulingisa kodwa ubejula nasemculweni. Ubewathanda amahlaya enomoya omuhle," kuchaza uMagic.
Indodakazi yakhe, uZanoxolo Mathunjwa, ithe uyise (73), ozakhele udumo emidlalweni okubalwa kuyo Ubambo Lwami, Generations neHome Affairs, uqale ukugula ngoMgqibelo.
"NgeSonto wayiswa kwadokotela nofike wathi kumele aye esibhedlela. Bafike bamlalisa esibhedlela, ePholosong Hospital, eTsakane, bamhlola bathola ukuthi unezifo ezihambisana neCovid-19. Sivuke namhlanje (izolo) sathola ucingo ukuthi usishiyile phakathi kwamabili," kusho uZanoxolo.
Ithe bahlela ukuthi afihlwe ngoMgqibelo.