UZWAKALISE ubuhlungu benhliziyo yakhe ngokuhlukana neSABC uNoxolo Mtshali, ogqame engumfundi wezindaba eziteshini zale nhlangano kusuka kwezabasha.
UNoxolo odabuka oLundi, umemezele ukuthi uphatheke kabi ngokuthi ubegcina ukufunda izindaba zesiZulu kuSABC ekupheleni kwenyanga edlule.
Yize engasidalulanga isizathu salokhu abanye babasebenzi bale nhlangano bebephelelwa yizinkontileka ekupheleni kukaMashi.
Uthe uchithe iminyaka engu-15 kule nhlangano njengoba aqala ngo-2009 efunda izindaba zabantu abasha iKids News. Udlulele ekuthuleni isimo sezulu ezindabeni ezinkulu ngaphambi kokuzifunda emini nnantambam.
“NgoJuni 2023 ngiqale ukwethula uhlelo lwasekuseni i-Ekhaya Jikelele,” kubhala le ntokazi ebisidume nangokunonga ngamancoko uma yethula lolu hlelo.
“Ayikho into ebengiyithanda nnjengokufunda izindaba zesiZulu, ukuqhakambisa ulimi lwethu. Ngifunde okuningi, ngakhula njengomfundi wezindaba nomethuli wezinhelo. Ngebhadi okungapheli kuyahlola,” kubhala yena.
Ubonge ababukeli ngokumeseka.
“UNkulunkulu unami nakulesi sikhathi. Ngiyamethemba.”
Abalandeli bakhe bazwakalise ukuphatheka kabi ngalokhu.