UMAKADEBONA kwezokulingisa uSeputla Sebogodi, uthi kwakungcono ngezikhathi zikahulumeni wobandlululo kunamanje kubalingisi bakuleli. Ekhuluma kwiDavid Mashabela Studio, uSeputla uthe abalingisi abahlonishwa kuleli futhi baholelwa amakinati kunangezikhathi zobandlululo.
Ekhuluma ohlelweni uSeputla ukhononde kanje: "Muva nje, bengifuna ukushiya ekulingiseni ngenxa yezinto ezenzekayo. Kunento embi eyenzekayo manje. Kumanje siyazi ukuthi labantu benza malini kodwa uma uyakubo uyobatshela ukuthi ufanelwe ukuhola u15c kodwa yena athi ufanelwe u3c."
USeputla wazakhela udumo ngokulingisa indawo kaNkwesheng kuBophelo Ke Semphekgo nekaKenneth Mashaba kwiGenerations, uthe uma ukhononda uvelwe ushintshwe wena ngoba kuthiwa ubanga izinkinga.
"Ipolitiki eyenzeka khona yimbi. Ukukhuluma iqiniso nje, ngangihlala ngicabanga ukuthi ubandlululo lwalulubi. Kodwa manje ngizohluka. Uma ungangibuza manje ngingathi, cha. Empeleni ngifisa sengathi singabuyela ezikhathini zobandlululo ngoba singenza imali eningi. Kayiwenzi umqondo eyokuthi imali engangiyihola ngo-1987, kungaqhamuka umuntu athi uzongiholela yona manje. Nempatho nemali yayiyingcono kunamanje," kusho inkakha elingisa emdlalweni omusha wethelevishini, iRedemption.
USeputla uthe uhlale etshela ozakwabo ukuthi uhulumeni usekhohliwe ukuthi abalingisi babamba iqhaza emzabalazweni wenkululeko yakuleli. Uthe bake baboshwa futhi bagqunywa amasonto amabili esitokisini emuva kokukhombisa umdlalo owawuthi Ngamaza, maqede abafundi baseNyuvesi iTurflop, baduba ukufunda. Uthe umdlalo wawukhuluma ngamaqhawe omzabalazo abulawa kusolwa amaphoyisa.
"Nginomuzwa wokuthi uhulumeni usekhohliwe ukuthi abalingisi basiza ekuqumbeni phansi izindonga zobandlululo."