UMLINGISI wakuleli, uJafta Mamabolo, unethemba lokuthi kukhona okuzofundwa yintsha yakuleli kwifilimu yakhe ethi Freedom.
Kule filimu ekhonjiswa kuBox Office kwiDStv, uJafta uyena olingisa indawo ephambili yomfana owaziwa ngoFreedom.
Ekhuluma ngayo uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi iphume ngenyanga yokubungaza intsha yakuleli eyalwela inkululeko.
“Okuzogqama kuyona kakhulu ukuthi kwenzakalani manje entsheni yakuleli eseyathola inkululeko. UFreedom ngumfana okudinga ngempela ukungena enyuvesi nowenza konke okusemandleni akhe ukusebenza kanzima ethatha noma yini engumsebenzi ayithola edolobheni laseJohannesburg. UFreedom kuthi esengenile enyuvesi abone ukuthi usakudinga ukuthola imali nagcina ngokuthi abolekise izincwadi zakhe, ngendlela okwenza ngayo omashonisa, ukuze athole imali yokubhala izivivinyo zokugcina zonyaka futhi enye ayithumelele umndeni wakhe othwele kanzima emakhaya,” kusho uJafta.
Uveze ukuthi uFreedom izinto zigcina zingamhambeli kahle uma ebuyela kubangani bakhe abadala, abagcina benza izinto ezingalungile beze bengena ezinkingeni.
“Okuphinde kuvezwe yile filimu ukuthi isho ukuthini inkululeko entsheni yamanje. Ingabe ngempela sikhululekile uma kusekhona intsha engakwazi ukuthola izinto eyathenjiswa yona ngesikhathi kuphunywa okhethweni luka-1994? Angiyena umuntu onalezo zimpendulo kodwa ngiyakholelwa ekutheni kumele sixoxe ngalezi zinto, singathuli,” kuchaza uJafa.
Uveze ukuthi uqale ukusebenza le filimu ngo-2017, nakhethe ukuthi bayishuthele eGoli ezindaweni okukhona kuzo iYeoville, Hillbrow naseNewtown.
Kubalingisi abazobonakala kuyo kubalwa uMary Twala ongasekho, Mandla Gaduka, Kenneth Nkosi, Samkelo Ndlovu nentokazi entsha kulo mkhakha wokulingisa uNicole Mathope olingisa indawo kaSonia.