ISITESHI i-e.tv sithembise into yamehlo ngesikhathi simemezela umdlalo omusha ozovala isikhala somdlalo i-Rhythm City, ozofinyelela emaphethelweni ngenyanga ezayo.
Umdlalo i-House of Zwides ukhiqizwe ngokuhlanganyela izikhondlakhondla zezinkampani ezikhiqiza imidlalo yethelevishini okukhona kuzo iBomb Productions neVideoVision Entertainment.
Abaphathi besiteshi bafihle induku emqubeni mayelana namagama abalingisi abazovela kulo mdlalo okwamanje.
Abakwa-e.tv bathe okwamanje angeke baze bawadedele amagama abalingisi abazobonakala kulo mdlalo.
Kodwa baveze ukuthi kuwona kukhona izinkakha esezike zahlonishwa ngezindondo kuleli kanti nobuso obusha bukhona obuzobonakala kulo mdlalo.
Isolezwe like labika ngokuqoshwa kwalo mdlalo nokuthi abalingisi okukhona kubo uBaby Cele noLindani Nkosi bangabanye abalingisa izindawo eziphambili kuwona.
Lo mdlalo uzoqala ngoJulayi 19, kulindeleke wethulele abantu bakuleli umndeni wakaZwide ogxile kwezemfashini yize kukhona izinto ezibuye ziwuphazamise kulo mkhakha.
UDesiree Markgraaff weBomb uthe bayethemba ukuthi ababukeli bazowamukela ngezandla ezimhlophe umndeni waKwaZwide.
“Sizizwa sithobeke kakhulu ukulandela ezithendeni zomdlalo ofana neRhythm City nowenze kahle kakhulu eminyakeni edlule. Igciwane leCovid-19 lenze kwaba nzima kithina sonke ngakho ke sifuna ukuxoxa udaba olukhuluma ngokuthi noma kungenzakalani noma singabhekana naziphi izingqinamba empilweni, kumele singawadedeli amaphupho ethu,” kusho uDesiree.
U-Anant Singh, weVideoVision Entertainment, uthe lo mdlalo uzothakaselwa ngabaningi njengoba uxoxa udaba olumangazayo emkhakheni wemfashini.
"Umdlalo okhuthazayo kakhulu kodwa futhi oshintshashintshayo lapha nalaphaya nokuzokwenza ababukeli bawo bangafuni ukuphuthwa iwona. Sijabule kakhulu ukusebenzisana nozakwethu beBomb Productions kulo mdlalo. Lo mdlalo ungowesibili esiwukhiqizele lesi siteshi,“ kusho u-Anant.