UBRENDA Mhlongo, oseke washiyelana inkundla nabalingisi baphesheya, uthi kuzoshuqa uthuli uma esejoyina iSbongile and The Dlaminis. UBrenda uzoqondisa ubugwegwe emdlalweni owuchungechunge kuMzansi Wethu (DStv Channel 163).
UBrenda (43) uthe ulingisa indawo ka-anti wakwaMbambo.
Ubeke kanje uBrenda:"Ababukeli bazozibonela nje ukuthi ngiwu-anti ongazwani nombhedo ngoba ngizoqondisa ubugwegwe."
Ebuzwa yiSolezwe Ngempelasonto ukuthi kulindeleke ukuba ahlale isikhathi esingakanani emdlalweni, uBrenda uthe yize esashutha, abuye ame kodwa indawo yakhe isazothuthukiswa.
Uzakhele udumo ngokulingisa undawo kaNandi, obengunkosikazi kaJack Mabaso kwiGenerations The Legacy. Ngaphandle kwalo mdlalo, uBrenda ulingise enguZodwa kwiThe Queen, noBuhle kuZalo. Muva nje ubonakala kwiThe River, okuwumdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic ngo-6.30 ebusuku. Uyintokazi esinamava ngoba ulingise isikhathi eside kwiLion King, ezungeza eHong Kong, Germany, naseNorth America.
Njengamanje iSibongile and The Dlaminis iqengqeleza phambili ngababukeli abangaphezu kuka-2 million ezinhlelweni ezikhonjiswa kwiDStv ngaphezu koMkhokha The Curse.
Umdlalo ukhuluma ngodaba lukaSibongile Mbambo (okuyindawo elingiswa nguLuyanda Zwane), owesifazane odabuka endaweni yasemakhaya eXobho, oyisisebenzi sasendlini emzini oyisithabathaba wakwaDlamini.
Abanye abalingisi ababoshelwe emdlalweni ngoVuyo Biyela (Kwenzo), Siyabonga Shibe (Njengaye Dlamini), Ayanda Borotho (Phetheni Dlamini) noSlindile Nodangala (Deliwe Mbambo).
*ISibongile and The Dlaminis ikhonjiswa kuMzansi Wethu ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ebusuku.