INDODANA kaBrenda Fassie, uBongani, izoveza konke okwenzeka empilweni yayo emuva kokudlula kukanina emhlabeni.
UBongani uzokuveza lokhu ohlelweni, iFinding Bongani Fassie, ezoqala ngMgqibelo, ngo-20h30.
Kulolu hlelo uzoveza ukuthi kwenzekani ezimalini azishiyelwa ngunina nokuthi ibe njani iminyaka engu-17 unina engasekho.
ULindiwe Mbonambi weMoja Love uveze ukuthi kulolu hlelo kuzogqama indlela uBongani akhule ngayo, eqala yaba ngefudumele kodwa yahamba yaba nzima.
“Uzalelwe ekhaya elifudumele kodwa ngemuva kokudlula emhlabeni kukaBrenda, impilo yaba nzima kakhulu. Abantu bazobona ukuthi impilo ayiphilile ibingelula ngempela futhi ibe namuphi umthelela. Uzoveza ukuthi webelwa kanjani imizi ayeyishiyelwe nguBrenda kanjalo nezigidi zemali, ezinye zazo agcina engazitholanga, nokuthi ukuzihlanganisa nabantu abangalungile kwamlethela buphi ubungozi empilweni yakhe,” kuchaza uLindiwe.
Uqhube wathi uBongani uzochaza kabanzi ukuthi abantu abathembisa ukuthi bazomnakekela bamjikela kanjani ngesikhathi esedinga usizo kubona.
“Kukhona abantu, ngesikhathi kushona uBrenda, abathembisa ukuthi bayowa bevuka noBongani, uzoveza ukuthi lukhona yini usizo aluthola kubona noma cha. Wuhlelo lolu abantu abazoluthokozela kakhulu njengoba luzoveza okuningi okungenzeka ukuthi abantu bebezibuza ngakho mayelana nalo mfana,” kuchaza yena.
Kulolu hlelo kulindeleke ukuthi kubonakale osaziwayo okukhona kubo uMercy Phakela, Kuli Roberts noChicco Twala.
Lolu akulona kuphela uhlelo kulesi siteshi okulindeleke ukuba ludonse amehlo abaningi. Kuqala isizini yesibili yohlelo, Isencane Lengane, ngoMgqibelo, ngo-20h00.
Kulolu hlelo kuzobonakala abashadikazi abasebancane, uSiyacela noThando, emuva kweminyaka emithathu bashada.
Nohlelo olwethulwa wuJub Jub, Uyajola 9/9, nalo lushaya ibuya ngeSonto, ngo-21h00.
UJub Jub noMoss Makwati bazobambisana ukusiza abantu abafuna ukubhekelwa omaqondaba babo ukuthi basathembekile yini.