SIMUNCU isimo ohlelweni lwabesifazane abadlule ezingqinambeni ezahlukene empilweni, i-The Queens of Mzansi ekhonjiswa kuSABC 1 ngoMsombuluko ebusuku.
Abesifazane abayingxenye yohlelo nguSamkelisiwe (Samke) Mhlongo, Lucky Mthembu, Paloma ( Lolo) Mlunjwana, Siphelele Makhanya, Ntombifuthi Mthembu noNana Zondi.
Kuthiwa isimo sishube kubantu abasebenza ohlelweni kanti abanye banqume ukululaxaza ngenxa yenkinga yokuholewa imali engabagculisi. Ngenyanga edlule kubikwa ukuthi bathathu abasebenzi abashiyile ngoba bekhala ngemali.
Kumanje kubikwa ukuthi nabesifazane okukhulunywa ngempilo yabo ohlelweni abeneme. Phakathi kwezinto okuthiwa zibahlukumeza umoya ukuholelwa imali encane, ukuzihlelela izimpahla okumele bazigqoke uma kuqoshwa uhlelo nokuzigibeza uma beya lapho okuqoshelwa khona.
Umthombo wephephandaba, uthe abasebenzi abangakashiyi abasafisi lutho ngohlelo. Uthe okubacasula kakhulu yindelelo yomqondisi wohlelo uSean McCollet, okuthiwa usabisa ngokuxosha abantu uma bekhononda ngendlela okusetshenzwa ngayo kwiThe Queens of Mzansi.
"Mina ngiyaqala ngalolu hlelo ukuzwa ukuthi umuntu uzozigibelisa uma kumele kuyoqoshwa iziqephu zalo," kusho umthombo.
Udalule nokuthi ilinganiselwa kuR5000 kuya kuR10 000 imiholo ngesiqephu sisinye.
"Abantu basebenzela emuva kulolu hlelo. Wake wabona kuphi umuntu ezizamela yena imoto ezombeka lapho okuqoshwa khona? Angisayiphathi eyokudla. Uhlala usuku lonke ushutha kodwa kuzomele wena uzibonele ukuthi uyiqeda kanjani indlala," kuqhuba umthombo.
Ethintwa uNeil Maluleke, ongomuye wabanqume ukushiya umsebenzi, uthe bekumbuyisela emuva ukusebenza ohlelweni. Uthe kwesinye isikhathi ubelimala kakhulu ngasemalini ngoba ubegcina engayiboni imali abeyiholelwa ohlelweni ngenxa yokuthi ibingamanelisi.
"Bese kuphele isikhathi esingangonyaka ngisebenza kwiThe Queens of Mzansi," kubeka uNeil.
Okhulumela iSABC uNdileka Cola uthe, iThe Queens of Mzansi uhlelo olunemithetho yalo futhi iSABC ayikwazi ukugamanxa kakhulu kokwenzeka kulo njengoba izikhiqizela zonke iziqephu zayo.
Umqondisi walolu hlelo uSean McCollet kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphawulanga kumlayezo athunyelelwe wona yintatheli. Inombolo yocingo lwakhe nayo ibingangeni ngesikhathi efonelwa yintatheli.