ONOBUHLE abake banqoba umncintiswano uMiss South Africa, uShudufhadzo Musida noNdavi Nokeri, sebengena ekulingiseni njengoba bengabanye abazoba yingxenye yomdlalo iQueen Modjadji ozoqala kuMzansi Magic maphakathi nonyaka.
UShudu owanqoba isicoco sikaMiss SA ngo-2020, uzolingisa indawo kaMuthanoni Mulalo ongomunye woNdlunkulu beNkosi yaVhaVhenda.
Lo nobuhle waseLimpopo ungena ekulingiseni nje, ubuye amodele.
Uneziqu zeBachelor of Social Science azithole eNyuvesi yasePitoli, futhi ngaphambi kokunqoba kuMiss South Africa, wayenza izifundo ze-International Relations.
UNdavi ngakolunye uhlangothi, uzodlala indawo kaMuthanoni Khensani ongomunye woNdlunkulu beNkosi yabaTsonga.
Lo nobuhle oneziqu zeBCom Investment Management azithola eNyuvesi yasePitoli, wanqoba isicoco sikaMiss SA ngo-2022.
Abanye abalingisi balo mdlalo ngoNgelekanyo Ramulodi ozodlala indawo kaQueen Modjadji esemncane.
UMasutang Rasekele yena uzolingisa indawo kaDzugudini ongunina kaQueen Modjadji.
Omunye nguHelen Lebepe ozoba nguRaisibe ozobe eyisethenjwa sikaModjadji.
UThabo Bopape uzobe elingisa indawo kaMambo Mugodo.
AbeMzansi Magic bathe basazomemezela abanye abalingisi abahlanganisa abanamava, abaziwayo nabasha. Bathe bakhethwe ngenxa yokukwazi ukukhuluma kahle ulimu iKhelovedu.
Lo mdlalo okulindeleke ukuthi uqale ngoJulayi, uphekwa yiRhythm World Productions kaDuma Ndlovu.
Ukhuluma ngomlando weNdlovukazi yesizwe samaLobedu, eyayidume ngokunisa imvula.
Ekhuluma ngokuba yingxenye yalo mdlalo ezinyangeni ezimbili ezedlula, uDuma uveze ukuthi umdlalo usubhaliwe futhi ngisho nokuqasha abalingisi sebeqedile njengoba sebezoqala bawuqophe maduze.
“Ithimba lonke elizohlanganisa lo mdlalo seliqalile ukusebenza. Sikwenze konke okuthinta wona, njengoba senze uphenyo olunqala, sithinta nezinhlaka ezihlukene ezihlobene nendlovukazi kanjalo nabaholi bomdabu nabo abalwaziyo lolu daba. Sihlalile nanezazi zomlando ezikhungweni zemfundo ezihlukene, saxoxa ngezikwaziyo ukuze sixoxe indaba okuyiyona,” kusho uDuma.