UMETHULI wezindaba ezenzeka emigwaqweni yakuleli kuKhozi FM, u-Ayanda Msweli, ufeze elinye lamaphupho entokazi ekhubazeke ngokungakhuli nehamba nge-wheelchair, uNksz Nosiphiwe Khumalo wase-Oliviershoek, eBergville ngoMgqibelo.
UMsweli, wodumo lwebhakede likazwelonke utakule uNksz Khumalo (37) nge-wheelchair kagesi emuva kweminyaka ecela usizo kosomabhizinisi nezikhulu zikahulumeni kodwa iphupho lakhe lingaphumeleli.
Echaza uMsweli uthe wathintwa ngomunye umuntu ezinkundleni zokuxhumana emazisa ukuthi kunowesifazane ocela usizo lwakhe kwiTiktok. Uthe wangena kwiTiktok, baxhumana noNksz Khumalo.
"Wathi kade ayebhala. Waze wabhalela ngisho noMengameli imbala. Bakhuluma bukhoma ezinkundleni zokuxhumana kodwa lutho ukusizakala." UMsweli uthe waxhumana noNksz Khumalo kunguMgqibelo kwathi ngoLwesibili waya kubo kaNksz Khumalo lapho efike wabikela abantu bukhoma ngosizi lukaNksz Khumalo. Uthe ngakusasa wafonelwa ngomunye usomatekisi owacela ukungadalulwa. "Wathi angimazise uma sengiyitholile i-wheelchair edayisayo. Sayithola futhi sathola ukuthi ibiza uR35 000. Ngamazisa usomatekisi. Wathi uzothumela abantu. Ngempela bafika nemali eyayingoplastiki. Sayikhokhela i-wheelchair kagesi. NgoMgqibelo ngimpintshile ngayihambisa eBergville."
UMsweli uthe akuphelanga ngisho isonto ecele usizo ebantwini.
"Lokhu kuchaza ukuthi abantu sebeyangithemba. Nabebengangithembi sebezobona kulabo esengibasizile" kusho uMsweli osanda kwakhela imindeni emibili izindlu ngaphansi kwe-Ayanda Msweli Foundation.
UNksz Khumalo akawuvali umlomo ngesenzo sikaMsweli.
"Ngijabulile kakhulu. Ngibonga u-Ayanda Msweli. Ngibonga abantu baseNingizimu Afrika nosomatekisi oyithengile le wheelchair. Ngibonga nabantu abebengiseka," kusho uNksz Khumalo. Uthe sekusele ukuba kulungiswe umgwaqo ongena kubo ukuze i-wheelchair ihambe kahle futhi akhelwe indlu ezokwazi ukwamukela isimo sakhe nezoba nethoyilethi elimfanele.
UNksz Khumalo akasiye uvilavoco kodwa yisishoshovu esiyikhathalele intuthuko yendawo yangakubo nenhlalakahle yabantu àbakhubazekile. Ubuye wabamba iqhaza ekomitini lentuthuko laku-ward 8 kuMasipala wasoKhahlamba kodwa wagcina ehoxile ngenxa yokuhlushwa yi-wheelchair. Uthe umatasatasa nenhlangano yakhe engenzinzuzo ahlose ngayo ukuvumbulula ikhono kubantu abakhubazekile abahlala kuMasipala wasoThukela nokuqwashisa ngamalungelo abantu abakhubazekile.
Uthe usengqongqoze kubantu abaningi abasemandleni kodwa akakutholi ukusizakala.
"Ukuba nginemali ngabe ngithenga ngisho imoto bese ngiqasha umuntu ozongishayelela ukuze ngehle nginyuka, ngisiza abanye abakhubazeke njengami."
Unxuse abantu abasafuna ukumsiza kwezinye zezifiso ukuba bamthinte ku-078 446 9042 noma [email protected].