Yizinkinga zangaphakathi nezinxushunxushu eziholele ekushintshweni kwabalingisi bomdlalo oshaya ibuya kuMzansi Magic, Abomama.
Yize abeMzansi Magic bengakabamemezeli abalingisi abasha, Isolezwe lithole ngomthombo othembekile ukuthi uKhabonina Qubeka noNandi Mbatha ngabanye babalingisi abasha abazobonakala kwisizini yesibili yalo mdlalo.
Isizini yesibili yalo mdlalo izoqala phakathi noJulayi kuMzansi Magic uma sekuqala izinhlelo ezintsha.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ukuthi yize kunabalingisi abasha kodwa iningi lababekhona kwisizini yokuqala bayabuya.
“Bukhona nobunye ubuso obusha obuzogqama kulo mdlalo obuya ngegiya eliphezulu futhi ababukeli bawo bazowuthokozela njengoba uzobakhumbuza la wagcina khona bese uqhubeka-ke ukhombisa okuphethe kule sizini,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi okwenze bangaphumeli obala ngokubuya kwalo mdlalo ukuthi kuke kwaba nezinxakanxaka ngaphakathi kushintshwa abalingisi.
“Kukhona izingqinamba ezike zaba khona ngaphakathi ezithinta abalingisi yingakho bengakakhiphi lutho ngalo mdlalo owagcina ukubonakala ngo-2018,“ kuchaza umthombo.
Ngesizini edlule kulo mdlalo bekukhona abalingisi okubalwa kubo uNokuthula Ledwaba, Joyce Skefu, Unathi Guma noKhanyi Mbau.
Khonamanjalo kuso lesi siteshi kulindeleke ukuthi ababukeli baso bamazi kangcono umbhali wemidlalo yasesiteji, uLebo M, njengoba uhlelo olukhombisa ngempilo yakhe luzoqala ngoJulayi 28.
Uhlelo, iLebo-M: Coming Home luqale lwakhonjiswa kuShowmax njengoba manje seluza kulesi siteshi.
Kulona kuzobonakala uLebo nomndeni wakhe ahlala nawo endaweni yabadla izambane likapondo, iBlair Athol, eGoli, nala kuzogqama izingane zakhe ezingu-9, no-Angela Ngami-Casari abasanda kuveza ukuthi sebehlukanisile naye.
Isolezwe liphinde lakuhabula ukuqoshwa komdlalo omusha obophele abalingisi abebelingisa emdlalweni Isibaya nozokhonjiswa ngeSonto ngo-8.00 ebusuku okukhona kuwo u-Ayanda Borotho no-Abdul Khoza.